UMduduzi Siyabonga Zikode odume ngelika-DJ Kotin uthi abantu abalindele into yamehlo njengoba ekhuza ibuya endimeni yomculo. Lo DJ ophinde abe ngusomabhizinisi uthi iskhathi esiningi ubesesichitha emabhizinisini akhe kodwa akaphumile kwezokungcebeleka.
“Iningi labantu bese bengibona kakhulu kwezamabhizinisi, ngisekhona nasemjuxuzweni, ngiyaqhubeka nanokudijeya kanti ngisengumphathi kaSthelo The DJ njengoba esengaphansi kwenkampani yami endimeni yomculo,” kuchaza uDJ Kotin.
UVumile ukuthi uke wagubuzelwa yifu elimnyama ngesikhathi ebekwa icala angalenzanga kodwa uthi manje konke lokho sekudlulile.
“Uma ukhumbula kahle, ngaze ngavalelwa ngisho esitokisini ngento engingayazi,” kulandisa uKotin.
Uthe abantu bayazi ukuthi uma ekhipha ingoma akalushayi udaka, ukhumbuze Isolezwe Online izingoma ezifana noNcamela Wena, Uzongilinda ayenza no-Andile Mbili, Umgijimi, Ngixolele nethi Thando.
Uveze ukuthi njengamanje uhlanganisa ingoma neBig NUZ ezophuma maduzane, naveze ukuthi akangabazi ukuthi abantu bazoyithokozela kakhulu.
Uthe kube lula kakhulu ukusebenzisana neBig NUZ kwazise bangabangani abakhulu noDanger olilungu laleli qembu kanti futhi ubezwana kakhulu nanoMampintsha ongasekho.
Uphethe ngokuthi abantu abakhululeke ngeke babhoreke kulo Disemba uzobe ekhona.