UNGENE ehla ngentambo phezulu kungathi wehla ezulwini esho umthandazo othi Baba Wethi Wasezulwini, u-Ayanda Ntanzi ngoMgqibelo e-ICC, eThekwini.
Lokhu ubekwenza ezojabulisa abalandeli bakhe ngomculo emcimbini i-A One Man Show, njengoba kade ethula i-albhamu yakhe ethi According to Grace.
Kwenzeka lokhu nje, abantu bese bekhanyise omakhalekhukwini babo beshutha ama-video, abanye bememeza bejatshuliswa ukubona u-Ayanda ogile izimanga njengoba abalandeli bakhe bejabulele izingoma zakhe azicule ngaphezu kwamahora amathathu.
Kuzo uqale wacula ezikule albhamu entsha wase ebajabulisa ngezakudala.
Okunakekile ngalezi zingoma ukuthi kukhona ezamabandla ahlukene okukhona kuwo iZayoni namaLuthela.
U-Ayanda ubonge bonke abantu akade bekhona, wathi ujabule indlela abamxhase ngayo.
Ubephinde angaculi nje kuphela kodwa ubephinde abashumayeze uma eqeda ingoma nokwenze abanye bavukwa umoya bagxumagxuma uma enza lokhu.
U-Ayanda uthe ukuphela kwamathikithi kumvule amehlo njengoba ezohlela ukuthi aye endaweni evulelekile uma ephinde enza umcimbi ofana nalona.
Leli khonsathi lomculo amathikithi alo adayisa aphela ngokushesha njengoba ezinkundleni zokuxhumana abantu bebelokhu bekhala ngokuthi bayafisa ukuba yingxenye yawo, kodwa abakwazanga.
Ozakwabo endimeni yomculo okukhona kubo abashadene; uNtokozo Mbambo noNqubeko Mbatha, Ga Ndlela, Vusi Nova, Dladla Mshunqisi bebeyingxenye yalo mcimbi.
Abanye akade bekhona kubalwa uMphathiswa wezeMpilo uNomagugu Simelane, Sizwe Mdlalose, Brenda Mhlongo, Khwezi Ndlovu nabanye.