OMUNYE wabalingisi bomdlalo we-etv osuya ngasemaphethelweni, Imbewu: The Seed, uSandile Dlamini, ubonga ithuba lokulingisa kulo mdlalo okhiqizwe yiWord of Mouth. Uthi uqale ukulingisa esemdala njengoba eveze ukuthi ungene kulo mdlalo uqala ngo-2018 eseneminyaka ewu-52, kwaba yinto enkulu kakhulu eke yenzeka empilweni yakhe yonke.
USandile waseMlaza, olingisa indawo kaPhakade ‘Shongololo’ Bhengu kulo mdlalo, uthe okunye okwenze wakujabulela kakhulu ukuba yingxenye yawo wukuthi ubufundisa abantu ngezimo ezahlukene ezenzekayo.
“Ubuveza futhi ufundisa ngezimo esiphila ngaphansi kwazo singabantu abamnyama, wafundisa abantu ukuthi ukugcinwa kwezimfihlo emndenini kuba nomthelela omubi kangakanani esimeni senhlalo yomndeni.
“Awugcinanga lapho, usidwebele isithombe esicacile sokungqubuzana kwenkolo yobuKrestu nendlela yokwenza yesintu kangangokuthi cishe konke lapho engihamba khona, abantu basakhala ngokuthi umdlalo usuyaphela ngoba kuningi obafundise khona,” kuchaza uSandile.
Eqhuba, uthe phakathi kwazokukhumbula ngalo mdlalo wukusebenza nabalingisi abanethalente eliyisimanga nezinkakha kulo mkhakha ezifana noLeleti Khumalo noThembi Mtshali, athe ukhule embuka kwithelevishini engakazi nokuthi uyoke abe wumlingisi.
“Lo mdlalo uyohlale unendawo ekhethekile enhliziyweni yami ngoba ungowokuqala ukunginika ithuba lokuvela kwithelevishini, wangakhela negama ebantwini - njengoba ngaphambi kwawo bengigxile kakhulu emculweni esengibe kuwona iminyaka engaphezu kuka-30.
“Ngijabule kakhulu futhi ngokulingisa kwiMbewu ngoba kungifundise okuningi ngokulingisa, kwenza ngabona ukuthi ayikho indawo yokulingisa engangehlula uma ngizinikela ngokuphelele kuyona,” kuchaza uSandile.
Ephetha, uveze ukuthi abantu mabalindele ukumbona emdlalweni wethelevishini angakezukuwudalula okwamanje, nokuthi usazoqhubeka nokugxila emculweni.
“Ngo-Ephreli kuzophuma umculo wamaciko ehlukene aqophe ngaphansi kwesandla neso lami, okuwuphawu lokuthi kuyasiza ukusebenza kanzima,” kuphetha uSandile.