UBLACK Coffee uthe wayezitshela ukuthi uyafa ngesikhathi ehlelwa yingozi ebhanoyini esuka eBrazil eya e-Argentina ngenyanga edlule.
Lo DJ ohlonishwa umhlaba wonke ngamagalelo akhe, uthe ingozi akubanga yinto esheshayo.
“Ngabona impilo yami iphela. Kwakungeyona into esheshayo nokuyinto ebuhlungu ngalesi sigameko, ngase ngiphaphama esibhedlela. Kwenzeka cishe umzuzu. Kwanginika isikhathi sokucabanga kwenzeka. Ngaba nesikhathi sokuthandaza kwenzeka. Ngaba nesikhathi sokuthemba ukuthi kuzophela futhi kwaba nesikhathi lapho ngathi kulungile siyafa,” kusho uBlack Coffee.
UBlack Coffee ubekhuluma nomsakazi weKaya FM, uTbose, engxoxweni efakwe nasekhasini lesiteshi kwiYouTube.
Uthe wayenomjikelezo waseSouth America ngoJanuwari futhi kwase kusele imicimbi emithathu ngaphambi kokuthi abuyele ekhaya azophumula.
Uveze ukuthi ubesebenzisa ibhanoyi elikhulu kodwa inkampani yalo yangakwazi ukumnika ngesikhathi eseya e-Argentina. Wathola enye nayo enamabhanoyi aqashwa ngasese.
“Ngiyakhumbula ngikwiselula ngoba ngijwayele ibhanoyi elikhulu ngithi libukeka sengathi lidala. Ngathatha izithombe ngilokhu ngiphawula ngithi yingoba mhlawumbe ngididwa wumbuso. Ngangingakhululekile.”
Uthe ngenxa yokuba matasa nomsebenzi, kwakwenzeka athathe indiza enophephela emhlane uma eya emicimbini noma uma eyogibela ibhanoyi. Uthe kwenzeka kokunye wangakhululeka waze wathumela isinqandamathe sakhe umyalezo esitshela ukuthi uyasithanda.
Ngesonto elilandelayo yilapho ehlelwa khona yingozi.
“Ibhanoyi lasuka ngafaka ibhande. Ngesikhathi selisemoyeni lihamba kahle ngakhipha ibhande ngalalisa isihlalo. Ngangilalele i-albhamu yowokholo kuma-headphone ngalala. Ngaphaphama kungathi ngiyaphupha ibhanoyi lingqangqazela ngamandla. Ngavula amehlo ngabona ukuthi wonke umuntu wayezama ukubambelela. Ngoba ngangilele kwakungathi ngisemotweni iyagingqika. Kwakungathi ngisemotweni igingqika kodwa kwenzeka ngodlame.”
Uthe wawa phansi kanti wayesafake ama-headphone kunengoma elokhu iphinda ithi hallelujah. Uthe kwakungathi yikhwaya noma yizingelosi zizomsindisa.
“Ibhanoyi lavele lashona phansi ngokushesha ngashayeka ngekhanda okhakhayini ngase ngiquleka imizuzwana, akubanga yisikhathi eside. Ngase ngiphansi futhi. Ibhanoyi lalonakele ngaphakathi lisandiza, kulenga izifonyo zokuphefumula phezulu. Ingilazi engangiphuza ngayo amanzi yayifile nezibuko zami zinqamukile.”
Uthe wayalela umshayeli ukuthi kumele ibhanoyi liyohlala phansi ngoba wayenezinhlungu kodwa bethi abaqhubeke ngoba uma sebese-Uruguay kuseduze nase-Argentina. Uthe onogada ayehamba nabo baqinisa isandla kumshayeli nebala behla e-Uruguay eselindwe yi-ambulensi.
Uthe ingaphezulu lomgogodla wakhe lalilimele wahlinzwa wafakwa nensimbi.
Esibhedlela uthe wachitha isonto futhi kwafika udadewabo nomngani wabo uSibs.
“Ngabona impilo yami iphela. Ngangithandaza hhayi ukuthi ngiphile kodwa ukuthi ngifike ezulwini ngikahle. Ngangithi ungangivaleli Thixo. Ngangizwa sengathi kuphelile. Nginikwe ithuba lesibili.”