UTHEMBISA inhlawulo umrepha wakuleli othandwa yizinkulungwane zabantu uBig Zulu.
Le nsizwa edabuka ezintabeni zoKhahlamba, ibihlele umcimbi ebisiwenza okwesibili kulo nyaka, iBig Zulu Homecoming Festival enkundleni yezemidlalo eBergville, ngoMgqibelo.
Wonke amalungiselelo omcimbi ahambe kahle kanti namathikithi abedayisa okwamagwinya ashisayo. Bekuboshelwe nabaculi abathandwa kakhulu futhi waqala kahle nomcimbi.
Izinto zonakale sekujika isimo sezulu, kwacaca ukuthi imvula ifisa ukubaxosha bonke abantu besazithokozela kamnandi. Iqinisile impela imvula ihambisana nomoya kwasho khona ukuthi abantu bazimisele ngokuzithokozisa, bebodwa abazinikelile emvuleni ngenkanti abanye bezama ukuyithiba ngama-ambrella, kwazifanela ngoba bagcine abaningi bemadixa wudaka.
Ama-video azungeza ezinkundleni zokuxhumana abonisa abantu abaningi abebehambele lo mcimbi sebethokozela kona ukuyixavatha odakeni beqhubeka nokuthokozela ubumnandi.
UBig Zulu ogamalakhe langempela uSiyabonga Nene, unikele enkundleni yezokuxhumana u-X, ezincengela kubalandeli bakhe ebathembisa umthobanhliziyo ngokwenzekile.
“Ay bafwethu angazi nokuthi ngithini yeyi, kodwa ngicela ngoDisemba 29, ngoLwesihlanu, ngicela ukuhlawula ngiwashe nezimpahla zenu namateki ngizonihlabela izinkomo ezimbili ukubonga nje, nokuxolisa sihlale phansi sidle inyama,” kubhala yena.
Lo mlayezo kaBig Zulu wamukelwe ngemfudumalo yize abalandeli bakhe bathembise ukuzihlelela kangcono ukuze babhekane nemvula ngawo uLwesihlanu wesimemo.
@BONGA04: “Kungakuhle ubuyele kubo la bantu, abadele konke benza umcimbi waqhubeka. Ayizondi Nkabi!” 🤝
@uMsongi_Lo: “Bekumnandi lana abantu bekhohlwe yiyo yonke into.”
Khulile Nzi: “Ay yaz le nto eyenzeke la ikuthatha ikubuyisele ebunganeni eminyakeni eyayimnandi esesayikhohlwa😂😂😂😂. Sengifisa ukuzwa izimpendulo ekuphendulwe ngazo izingane zibuza ‘Kutheni ungcole kanje Baba?"
Nontobeko Maria: “Cha Mina ngibuke nje ubumnandi kakhulu laba bekubhavu🤣🤣🤣🤣🤣cha ngiyaziqhenya ngokuba ngowaseBergville 🤣🤣🤣🤣yize indoda yabuya beyitetise ingashongo nokuthi yahamba.”