UMREPHA uBig Zulu uthembise ukujezisa umrepha uDuncan ngokuthi kuzomele kube khona obalekayo uma behlangana emva kokugxibhana kwabo ezingomeni ezintsha.
Umsindo ususwe uyena uBig Zulu ekhipha u-200 Bars (Diss track), ekhwela edilika kuDuncan ngoLwesine. Kule ngoma yakhe ubekhwela edilika kuDuncan embiza ngephara, esho nokuthi uDJ Tira wantshontshelwa i-studio ngenxa yokuthi usebenza nephara elalifuna ukubhema.
Uze wathi ngisho nomndeni walo iphara iwona usulithengela iGlue ukuze libheme ngoba alinayo ngisho nemali yokugibela.
Uveze nezindaba zokuthi kunendawo yobumnandi abahlangana kuyona naye uDuncan wayeka ukumshaya ngoba esaba ukumthela ngehlazo ngoba wayehamba nonkosikazi wakhe. Leso sigameko kuthiwa senzeka ngempela, obekusho ukuthi ubebuye ashaye ngaphansi kwebhande kuDuncan ngokukhuluma izinto zangempela.
Esephendula uDuncan ngoLwesihlanu kwi-After Tears (Diss track) yakhe, ufake nezinkulumo eziqoshiwe lapho abesatshiswa khona wuBig Zulu lapho abethi khona: “Umthetho wakho wena Skuva usuqala ukungijwayela. Usunginyanyisa okwangempela ke manje, hhayi okokudlala. Wake wangibona ngibhatala iPayola mina? Mnganami uma ngabe ufuna mina nawe singabhekani uma sihlangana, angisadlali nawe angihleki nawe angiyena futhi umnganakho, uyangiqonda? Bengidlala mina nawe kodwa wena usuthatha le-nto ngendlela yakho, ngeke ke uyithande uma sengiyithatha ngale ndlela wena oyithatha ngayo. Angikusho nje kugcwale izindlebe ukuthi lapho sizohlangana khona mina nawe khona ozoba nenkinga enkulu. Ngithi angikubeke ngiphumele obala, uqale wangithuka wangifaka izinhlamba,” kusho le nkulumo kaBig Zulu.
Okugqamile ukuthi uDuncan udedele i-After Tears emva kokuba ezwe i-200 Bars kaBig Zulu. Kuthe uma uBig Zulu esethumela le miyalezo kuDuncan, lo mrepha wayithatha wayifaka kwi-After Tears. Uma ungena kuYoutube kuqala kube khona i-After Tears engenayo inkulumo kaBig Zulu eqoshiwe bese kweyesibili ibekhona.
Eziphendulela kwenye yamaPodcast uDuncan, uthe ubengekho ezinhlelweni zokukhipha leli culo kodwa ucasulwe uyena uBig Zulu. Uthe akagcinanga ngokumdelela eculweni kodwa nasezinkundleni zokuxhumana ubelokhu emdelela embiza ngephara.
“Ngimshayelile ucingo ngimbuza ukuthi ngenzeni ngaphambi kokuba ngikhiphe iculo. Ngixakwa wukuthi bengithi mina siyazwana naye njengoba sike samvakashela sahlala kwaba mnandi kodwa yena usezokhipha iculo elinje ngami. Okubuhlungu kulona leli culo lakhe udelela mina no-Emtee kakhulu ngoba nakhu sanqaba ukumnika amaculo ewacela,” kusho uDuncan.
KuYoutube ekaDuncan ilele isibili kwezisematheni kanti ekaBig Zulu isahamba phambili. EkaBig Zulu kuvela ukuthi yiNkabi Records kanti ekaDancan ifakwe Ezase Afro.