INHLANGANO engenzi nzuzo, iPhumlani Dube Foundation ihlele indumezulu yomcimbi ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) mhlaka 30 kwephezulu. Lo mcimbi kuhloswe ngawo ukulekelela le nhlangano emizamweni yayo yokuqongelela imali yokuqhuba imisebenzi yokusiza umphakathi.
Umsunguli wale nhlangano uPhumlani Dube owazakhela udumo njengomethuli wezemidlalo emisakazweni uKhozi FM neGagasi uthe, wayisungula ngo-2016 ngenhloso yokushumayela ivangeli lokuzivocavoca nokuzinakekela kwezempilo, ikakhulukazi kubantu abadala.
Le nhlangano iphinde ibe nohlelo lokukhuthaza ezemidlalo, ukuvuselela isimilo, inhlonipho nothando lwemfundo entsheni. Akungatshazwa ukuthi iPhumlani Dube Foundation isiphenduke isibusiso nethemba kwabaningi abavela emiphakathini ebincishwe amathuba KwaZulu-Natal.
Umcimbi wokwethulwa kwalenhlangano ngomhlaka 30 Sephthemba, kulindeleke ukuthi uhanjelwe nanguNdunankulu wesifundazwe, uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube okunguyena ozothula inkulumo yosuku.
“Lo mcimbi ozobe ungubukhazikhazi kulindeleke ukuthi uhlanganise abantu abaqavile abavela kuzo zonke izinhlaka zomphakathi,”kucacisa uDube.
UBig Pun okuyigama lesiteketiso likaDube, uveze ukuthi abazothamela lo mcimbi bangalindela isidlo sakusihlwa, umculo osezingeni, izinkulumo ezakhayo nokuzwa kabanzi ngezinhlelo zenhlangano yakhe.
Uthe amathikithi okungena aseyatholakala kanti noma ungeke ube khona emcimbini uvumelekile ukuphosa esivivaneni ulapho okhona. Mayelana nemininingwane ngokuthenga amathikithi nokuxhasa, ungaxhumana noSphume Gumede kulenombolo 061 295-1138 noma nge-email ethi [email protected].