KAWUSADINGI ukuphuma kwithelevishini ukuze udume. Ukuthuthuka kwezobuchwepheshe nokudlondlobala kwezinkundla zokuxhumana, sekunikeze abantu ithuba lokuveza amakhono ahlukene, okubalwa nawezobuciko.
Omunye walabo abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzakhela igama ebantiwni nguXolani Mafuleka, owaziwa ngelika’Xolani Woknuka’ kwiFacebook. Yilapho esedume khona ngama-vidiyo ahlekisayo awaqopha eqimbile, egcoba iNivea, exoxa ngezindaba ezahlukene eziqeda abantu ngensini.
Evakashele Isolezwe kuleli sonto, uXolani ongowokuzalwa Esikhawini, kodwa osezinze eVerulam, enyakatho yeTheku, uthe kusukela ebuncaneni bakhe ubengumuntu wamancoko. Uthi ubehlale ecabanga izinto okungalindelekile ukuthi zingacatshwanga yingane futhi egconana.
“Le nto yenze ukuthi sengikhulile njalo uma ngiqeda ukugeza, ngithi uma sengiphambi kwesibuko, kube nezinto ezingifikela emqondweni ngize ngihleke ngedwa futhi zenza ngafisa ukuthi abantu bazizwe. Nangempela kwaya ngokuya ngenza i-vidiyo yami yokuqala ngayifaka kwiFacebook, abantu bayithakasela kakhulu, ngangabe ngisabheka emuva,” kuchaza uXolani, ngokuqala kwakhe ukuba ngusomahlaya.
Le nsizwa ephothule u-matric eQantayi High ngo-2007, yaziwa ngetemu layo elithi “Uyabona Mina” - endlalela ngalo cishe kuwo wonke ama-vidiyo ewafaka kwiFacebook eselinamakhasi angaphezu kwa-268 000 okwamanje.
Ufika lapho akhona manje nje kepha indaba isuka eminyakeni yokuqala ethi ayibe wu-20 edlule, lapho athi waqala ukuzakhela ugazi ebantwini ngobuciko bezithombe zosaziwayo azifaka kwiFacebook, ezihambisana nemibhalo enoteku.
Leli phephandaba like layibona eminye yemibhalo nama-vidiyo okunamancoko, okunye kwakho okwenziwa nguXolani usebenzisa izindaba azifunda kwi-website yeSolezwe.
“Okunye okwenza kube lula kimi lokhu wukuthi ngimuntu okhonze ubuciko bokubhala, ngakho ngihlale ngicabanga ukuthi uma ngibuka isithombe sodaba oluthile, yikuphi okuhlukile engingakusho ukwenza ofundayo aphele yihlaya,” usho kanje.
Ephetha, uthe isifiso sakhe wukuba yinxusa lenkampani yomkhiqizo wokugcoba iNivea, futhi ufisa nokugxila kwezokulingisa ngokubhala imidlalo yethelevishini.