UMCULI wokholo owanqoba indondo yeBest Gospel Artist of the Year SABC Crown Gospel Music Awards ngonyaka odlule, uBabo Ngcobo, uthe ukuthakaselwa kwe-albhamu yakhe edlule kumphonsele inselelo yokuthi angadembeseli uma esenza entsha ezophuma ngenyanga ezayo.
UBabo, ubeshisa izikhotha nge-albhamu yakhe ethi Uhambo One ayikhiphe ngo-2016 nokumanje abantu basayithakasela. Inezingoma okubalwa kuzo iNgiyadeserva nethi Thixo Mkhululi.
“Uma usebenza ungenayo ingcindezi uyaye wenze nje unganaki. Uma wazi kodwa ukuthi abantu bakubhekile usebenza ngokuzikhandla,” kusho uBabo.
Ubekhuluma eseMangosuthu University of Technology, eMlaza, lapho bekunomthandazo wokuvula unyaka khona wezitshudeni ngoLwesihlanu ebusuku.
“Izingoma zami zisathandwa namanje kodwa ngithe angizelamanise zingakaphuphi zikhishwe ngezinye. Bese ihlalile i-albhamu ngoba ineminyaka emithathu,” kusho uBabo.
Uthe entsha, Uhambo Two, izobe inezingoma abantu abazozithakasela ezinye zazo asebebazwisile amazwibela azo.
“Kukhona ethi Usevele Wakuphinda Lokho engihlale ngiyicula ngizwa amanzi ngobhoko. Abantu bayayithanda ngakho ngizoyifaka. Zikhona nezinye. Abaculi bangasabi ukuqala bazisikaze izingoma ukuze bezwe ukuthi abantu bayazithanda yini ukuze kube lula uma sebekhipha.”
Uthe usebenze no-Andile Mbili waBanqobi, DJ Mngadi nabanye abagodlile. Uveze nokuthi ngabe kade eyikhiphile i-albhamu kodwa kunezinye izingoma abefuna ukuziqopha bukhoma.
Uqhube wathi ukuphuma kwe-albhamu yakhe kumenze wacela ukuhlehlisa uhambo lokuya e-USA oluhlangene nomklomelo wakhe wamaCrown.
“Ngiyoze ngihambe ngoMeyi ngoba ngifuna ukuqala ngiphushe kahle ekhaya.”
Ngaphandle kukaBabo, kulo mcimbi bekunandisa uMalusi Mbokazi, Abathandwa, Thobekile, Sgwili nabanye. Bekukhona nomsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi obethula izinkulumo ezakhayo.
Kuqalwe ngo-6 ntambama kwaze kwavalwa ngo-10 ebusuku. Izitshudeni bezigcwele phama ehholo iSeme ezinye zimi ngezinyawo.