IYASHUBA ingxabano phakathi komculi wegqom' uBabes Wodumo, nomsiki wengqephu uPhilly Mhlongo weSK' Dee Designs. Kumanje kuthiwa uPhilly usethathe uduba walufaka eNkantolo eThekwini.
UPhilly uthe uvulele uBabes icala lokushaya nelokumhlambalaza emuva kokumhlasela lapho esebenzela khona kuWest Walk, eThekwini. Isolezwe Ngempelasonto lizibonele incwadi ebizela uPhilly noBabes enkantolo esePoint ngoJulayi 11 nonyaka, ngenhloso yokuzwa ukuthi babangani.
UPhilly uthe okwenze wafaka uBabes enkantolo yingoba efuna ayeke ukuhamba ekhuluma ngaye ezinkundleni zokuxhumana, nasemithonjeni yezindaba ngoba udicilela phansi isithunzi sebhizinisi lakhe.
"Sengimfake nakubameli ngoba ngifuna ajeze ngokungishaya nokungihlambalaza. Ngimzwile ekhuluma kwiPodcast and Chill with MacG, okuyinto efanayo nayisho bukhoma kwiFacebook wakhe emuva kwesigameko," kuchaza uPhilly.
Echaza umsiki wengqephu uthe indaba isuke ngesikhathi uBabes nabadansi bakhe ababili, uyise nonogada begasela lapho esebenzela khona ngoMashi 12.
"Wayefuna ukwazi ukuthi kungani ngibale igama lakhe embhalweni wami, okuyinto engingayiqondi njengoba ayelokhu ebiza abadansi njengabakhe."
Isolezwe Ngempelasonto liyibonile i-vidiyo kaBabes noPhilly bebambana ngezandla kwaze kwaba ngamahlandla amabili.
"Bebengenabo ubungani ngoba bafike bewudlame, befikele ukuzokulwa ngoba bebefuna ukuba ngibavulele isango njengoba ihhovisi lami lihlale livaliwe. Usuke wangishaya ebusweni okwenze ngavula isango.“
UPhilly uphike walala ngomhlane ukuthi uke wathuka uBabes noma uyise. "Konke akushoyo kungamanga. Lilodwa kuphela iqiniso alishoyo ukuthi wayenobani ngalolo suku."
UPhilly uthe ingxabano phakathi kwakhe noBabes yasuswa ngabadansi bakhe abafike kuye ngoFebhuwari 28 nonyaka, befuna izingubo ababezozigqoka engqungqutheleni yeNkatha.
“Babezifuna mahhala. Babengenayo imali, bashiya uR150 bebabili, okuyimali engenele. Isivumelwano sethu kwakuwukuthi bazozibuyisa ngakusasa kodwa abakazibuyisi."
UPhilly uthe abadansi basaqhubeka nokuzigqoka futhi sekuphele amasonto amabili ezicela. Ube esefaka ama-vidiyo athe aveza umonakalo odaleke emuva kokufika kukaBabes nethimba lakhe nathe uzowasebenzisa njengobufakazi.
UBabes uphendule nge-vidiyo kwiFacebook ngoLwesithathu olwedlule, ethi ubone umbhalo othi uyazi ngezimpahla.
Uvumile ukuthi bayile lapho kusebenzela khona uPhilly bezobuza ukuthi ungena kuphi yena uma exabene nabadansi bakhe kodwa uPhilly wamphendula ngenhlamba, embiza ngesife** somfelokazi maqede wathuka noyise. .
UBabes uthe akasiboni isidingo sokubopha uPhilly ngoba "akabalulekile ngaleyo ndlela."