Lokhu kulandela ukuthi uPhilly Mhlongo ebhale kuFacebook ukuthi uhlaselwe wuBabes nethimba lakhe. Uthe uhlaselwe kade eveze abadansi bakhe ethi bathatha izimpahla zakhe bashaya bachitha nazo.
UPhilly uthe abadansi bafika ngoFebhuwari 28 beyoboleka izimpahla ababezoqigqoka emcimbini we-IFP.
“Babezifuna mahhala. Babengenayo imali bashiya uR150 ngemuva kokugcizelela kwami futhi babebabili imali ingenele. Isivumelwano sethu kwakuwukuthi bazozibuyisa ngakusasa kodwa abakazibuyisi," kusho yena.
Uthe basaqhubeka nokuzigqoka futhi sekuphele amasonto amabili ezicela.
Ufake ama-video athe aveza umonakalo odaleke ngemuva kokufika kukaBabes nethimba lakhe nathe uzowasebenzisa njengobufakazi.
UBabes uphendule nge-video kuFacebook ngoLwesithathu emini ethi ubone umbhalo othi uyazi ngezimpahla.
"Ngithathe ubaba wami ongizalayo, ngathatha unogada ongigadayo ngithi asihambe ngiyokhuluma naye ngifuna ukubuza ukuthi ngingenaphi mina ngoba njalo uma ngisematheni ngezinto ezinhle kuba khona ovele afune ngibe sematheni ngento ebhedayo," kusho uBabes.
Uthe kuthe uma efika khona lona wesifazane ufike walwa kodwa yena efuna ukubuza ukuthi igama lakhe lingena kuphi uma kade ekhuluma nabadansi bakhe.
Uthe uvele waphendula ngenhlamba.
"Ungibize ngesif@*e somfelokazi, into ekanjalo nje. Ngibe sengibuza ukuthi kuhlanganaphi ukuthi ngiwumfelokazi kule nto esiyikhulumayo? Uthuke ubaba wami wamusho ngezinhlamba ngathi ntombazane ngeke uthuke ubaba wami. Awukaze wangizwa ngithuka owami ubaba."
Uqhube wathi kusuke uthuli lwezichwe futhi usola ukuthi owesifazane ubephuzile ngoba uvele walwa.
Uthe ube esemtshela ukuthi abayeke ukusebenzisa igama lakhe uma befuna ukukhangisa imikhiqizo yakhe.
"Umjita osebenza laphayana ukhiphe isando efuna ukungishaya ngaso. Yilapho ke unogada wami embambe khona isandla lo bhuti. Ubethi ungishaya ngesando ekhanda. Cabanga. Ungashaya umuntu wesifazane. Kwenzeke kanjalo."
Uthe akasiboni isidingo sokubopha owesifazane ngoba "akabalulekile ngaleyo ndlela kodwa ngixakekile ukuthi loya bhuti usengafuna ukushaya mina ngesando".
Uthe ubathethisile abadansi bakhe ngalokhu.