UMREPHA ongaconsi phansi kwabaningi, u-Okmalumkoolkat, uthi abantu kumele bafunde ukuthi ngeke kumiwe ngomunxa wama-piano kuphela emculweni.
Lokhu ukusho njengoba ekhiphe ingoma ehlanganise i-hip hop negqom’ iDisturber. Kule ngoma ephrojuswe wuGukwa, ucula ngokuhlanganyela noProfessor.
“Igqom’ iqale KwaZulu-Natal. Ngeke siyiyekele iphele kalula kanjalo. Sizohlala senza isiqiniseko ukuthi ihlala ikhona. Yize siphila sonke noGukwa kodwa ngiyaqala ukusebenza naye.
Njengomuntu esazanayo naye, wangicela ukuthi ngize estudiyo senze ingoma. Mina uma ngisestudiyo yilapho ngifike ngikhululeke khona, yingakho nengoma ivele yazihlanganela kalula.
UProfessor wayengekho ngesikhathi ngiqopha kodwa uthunyelwe ingoma wafaka ezakhe izinhlamvu. Abantu abazi ukuthi sikhona futhi asipheli moya,” kusho u-Okmalumkoolkat.
Uthe akakungabazi ukuthi yize kungenise ama-piano kodwa leli culo lizoba ngelinye azohamba phambili yize kungelona elalo munxa womculo.
Le ngoma iphume izolo futhi isiyatholakala kuzona zonke izindawo ezidayisa umculo nge-internet.
Kuyona kupikwe nomculi osemusha uPlan B. Iphume ngaphansi kwenkampani kaGukwa, iPeace of Tape Records (POT).
Ngakolunye uhlangothi u-Okmalumkoolkat, uthe umatasa nokuhlanganisa i-EP yeqembu elingaphansi kwenkampani yakhe, iWest Behaviour, ezophuma ezinyangeni ezimbili ezizayo.
Leli qembu uthe lenza kahle njengoba likwiTop 20 nakwiGqom Gqom Believe.
Leli culo lizwakala lingelinye lazoba sematheni ezindaweni zobumnandi. Inhlanganisela yalo enesigqi se-hip hop negqom’ yenza kube wulozolo lwengoma.
Isitayela sakhe akasishintshile u-Okmalumkoolkat okuyisona adla ngaso ezingomeni zakhe ezihamba phambili. NoProfessor uyibambe ngendlela kuleli culo.