NKOSIKHONA CELE
UKHUTHAZA abantu abasha basemakhaya nasemalokishini ukuthi bangazitheli ngabandayo kodwa baqhubeke babonakalise ikhono labo lokuba ngoDj, uVeli Maphanga odume ngelikaDj Verge.
UDj Verge ongowaKwaMhlabuyalingana ngokuzalwa unesikole esicija oDj iFellaz Groove esiseSangro House.
Inhloso yaso uthi ukucija abantu abasha abanentshisekelo yokuba ngoDj.
Uthi ukholwa ukuthi baningi abantu abasha abasemalokishini nasemakhaya abafisa ukuba ngoDj kodwa abangazi ukuthi ikhono labo bangalicija kanjani.
“Kumina into emqoka ukwenza isiqiniseko sokuthi bayaluthola usizo abalufunayo abantu abasha basemalokishini nabasemakhaya abanentshisekelo yokuba ngoDj. Lokhu yinto enginesiqiniseko sokuthi nginawo amandla okuyenza,’’ kuchaza uVerge.
Okunye athi kumqoka ukuzethemba kubantu abasha.
“Ayikho into engeke ize yenzeke inqobo nje uma unakho ukuzethemba futhi uzitshela nawe ukuthi lokhu okufisayo nakanjani kuzokwenzeka,’’ kuchaza uVerge.
Uzishaya isifuba nangokuthi baningi osaziwayo asebaphekile ukuthi bakwazi ukuba ngoDj beqophelo eliphezulu.
Phakathi kwabo ubale loyo owayengumsakazi woKhozi FM neGagasi FM kodwa manje osengumsakazi weVuma 103 FM, uMzokoloko Gumede.
Ubalule noK Sibiya noSinethemba Hlophe ofunda izindaba oKhozini.
“Bonke laba sebenekhono elimangalisayo lokuba ngoDj ngenxa yokuthi sabathatha sabafundisa kabanzi ngalokhu,’’ kuchaza uVerge.
UVerge uke wasebenzisana noJuice we-Afrotainment. Uke wabonakala futhi kubaculi abajwayele ukumenywa kwidili lomculo elisuke lihlelwe yiMotsepe Foundation.