ISILOMO sikaDJ waseThekwini, uBongz, sithi sizehlisile sangena kumapiano nge-albhamu yaso entsha iSyalo.
UBongz, ozakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo iThina Sobabili, Ofana Nawe nezinye, ukhiphe le albhamu enezingoma ezingu-10 ngoDisemba 30.
“Ngikhethe ukuthi ngenze uxolo empilweni yami. Lokho kusho ukuyeka nokubambelela ezintweni ezindala, ngikhule ngiye phambili nempilo. Ipiano lifikile thina silokhu simile, sibambelele entweni eyodwa ngoba sithi saqhamuka ngomculo onje,” kusho uBongz.
Uthe wonke umuntu uyashintsha futhi njengoba eyiciko, akabambelele entweni eyodwa.
“Angifuni ukubizwa ngenkakha ngoba uma sebekubiza kanjalo basuke sebethi hlala lapho ukhona ungabe usanyakaza.”
Uthe ubenokungabaza ukukhipha le albhamu ekubeni ezinye zezingoma esenesikhathi azenza.
“Ingoma engayenza noGukwa indala kodwa ngayibeka. Ezinye bengilokhu ngizithola kubadidiyeli abasakhula ngithi abangithumelele mina bese ngifaka iphimbo lami. Asikwazi ukulokhu sithi ipiano elaseGoli ngoba yinto ejabulisa abantu basemhlabeni. Ngiyajabula ukuthi ngikhiphile ngoba uma ubheka ku-iTunes, izingoma sezifakwe izinkanyezi nokusho ukuthi abantu bayazijabulela. Kusho ukuthi ngenze kahle kule nto ebengithi ngiyayisaba. Ukusaba akusebenzi, umculo wumculo.”
Uthe nangesikhathi igqom’ lisashisa izikhotha eminyakeni edlule, abaculi baseGauteng balenza nabo ngakho akaboni ukuthi yini ebavimba ukuthi nabo benze i-piano.
“Isasasa lomculo wethu liyehla, kungani singangeni entweni ehambayo?”
UBongz ukhiphe le albhamu ka-16 nje, ngoJulayi nyakenye, ubededele enye iRoad Trip.
“Lokhu kukhombisa ukukhuthala nokuzimisela ukuze ungavumi umsebenzi wakho ufadabale. Kwakukudala lapho umuntu owayekhipha kanye alinde kuze kuphele unyaka aphinde akhiphe. Ukukhipha kaningi kusho ukuphila. Uma ungakhiphi inhlupheko iningi. Abantu bazokuqasha kanjani ngoba bazobuza ukuthi unani futhi wenzeni? Abantu abanodumo ngabantu abakhiphayo. Igama awulenzi libe sematheni ngomlomo kodwa umsebenzi okhulumayo.”
Lo DJ, odabuka KwaNdengezi, eThekwini, uthe usewe kaningi empilweni yingakho ezimisela ngomsebenzi wakhe. Uthe yikho futhi okumenza elokhu eqhubeka nokusebenza, engapheli moya.
“Ngidlule ezintweni zentsha ngithanda ubumnandi ngingahloniphi. Bonke abantu badlula kuleso sigaba sokuzibona usesucongweni bese uba budedengu ungayi nasemicimbini oqashwe kuyo nokubulala igama. Kukumoshela nobudlelwano abantu bagcine bengasakuqashi. Ngidlulile kulokho,” kusho uBongz.