ISIKHULU sikahulumeni wase-Equatorial Guinea, sibhekene nengwadla yezinsolo zocansi ngemva kokuputshuka kwenqwaba yamavidiyo amkhomba ngenjumbane yokulala namakhosikazi abantu.
UBaltasar Ebang Engonga, ongumqondisi jikelele we-Anti-graft National Agency for Financial Investigation (ANIF), ukhungethwe yihlazo elivele ngesikhathi ephenywa ngamacala okukhwabanisa. Uphenyo luvundulule amavidiyo anamanyala, amanye akhombisa abantu abaqavile nabashade nezikhulu, eya nabo ocansini.
Izikhulu zithole amavidiyo angaphezu kuka-400 ano-Engonga nabesifazane abehlukene, okuhlanganisa nezihlobo zezikhulu zikahulumeni, ngesikhathi zisesha umuzi nehhovisi lakhe njengengxenye yophenyo.
Lawo atholakale ehhovisi lakhe, kubikwa ukuthi ahlanganisa amakhosikazi ezikhulu ezimbalwa, njengodadewabo kamongameli, unkosikazi womqondisi jikelele wamaphoyisa, namakhosikazi ongqongqoshe abalelwa ku-20, phakathi kwabanye. Konke lokhu kuthiwa kwaqoshwa ngemvume yabo bonke abebenza umkhuba futhi kwaqoshwa ezindaweni ezihlukene, okubalwa ihhovisi lakhe, amahhotela nezindlu zangasese.
Likhuluma ngalokhu, iPhini likaMongameli uTeodoro Nquema linikele enkundleni yezokuxhumana i-X, lithi azivumelekile izenzo zocansi ezindaweni zokuphatha. UNquema ukhiphe isexwayiso esiqinile, egcizelela imiphumela yanoma yikuphi ukwephulwa komthetho okunjalo
"Ngenxa yezinto eziwukuhlukumeza ezivela ezinkundleni zokuxhumana e-Equatorial Guinea kulezi zinsuku, kumele kukhunjulwe ukuthi ongqongqoshe babizelwe umsebenzi wokuphatha ekusekeleni intuthuko yezwe, abuvumelekile ubudlelwane bocansi emahhovisi," kubhala iphini likamengameli.
Uqhubeke wathi zikhona izindlela zokulawula izimo ezifana nalezi futhi umuntu ozophula lo mthetho uzoqondiswa ubugwegwe ngokuziphatha okungafanele futhi angaxoshwa emsebenzini.