IHOXISWE okwesikhashana imigoqo yamanzi kumasipala weTheku njengoba kungamaholidi.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, uNksz Pemmy Majodina, othe ukwenze lokhu ngenxa yesidingo samanzi kulo mkhandlu njengoba kungamaholidi kaDisemba.
Uthe uxhumane neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba, no-Mngeni-uThukela Water Board, ehlinzeka ngamanzi kulo masipala, ngenxa yesidingo esengeziwe sokuthi kuhlinzekwe lo mkhandlu ngamanzi.
“Kube nesidingo sokuthi ngihoxise okwesikhashana imigoqo engiyibekele lo mkhandlu eyenzelwe ukuthi umasipala ungagcini ungesenawo nhlobo amanzi. Kube nekhwelo ezinhlakeni ezehlukene ebezikhala ngokushoda kwamanzi kuleli dolobha ikakhulu njengoba kungamaholidi ngabona ukuthi ngiyihoxise okwesikhashana kuze kuphele uJanuwari 2025,” kusho uNksz Majodina ekhuluma nesiteshi sethelevishini iNewzroom Afrika.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokulahleka kwamanzi kulo masipala ngenxa yokuvuza kwamapayipi.
“Ngifune umbiko ogcwele kulo masipala ngezinhlelo zokonga amanzi. Sihle nesimo samanzi sakamuva soMngeni ngenxa yezimvula ebezinetha. Okunye okusikhathazayo yindaba yokuxhunywa ngokungemthetho kwamanzi.”
Kwenzeka lokhu nje iTheku libhekene nengwadla yokuncishiswa kwamanzi.
Imiphakathi eyakhele leli dolobha ihlala ikhala ngezinkinga ezithinta ukunqanyulwa kwamanzi ahamba izinsuku engekho.