SEKWALE uhlanga kusuka uthuthuva kwabe-ANC KwaZulu-Natal noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. Ubuholi be-ANC busole uButhelezi ngokuba yizambane elonakele kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu esifundazweni.
Abaholi baKhongolose basola uButhelezi ngokuthi uzenza “ubhongoza oshaya amaphiko futhi uzibona ewu ngqo shishilizi, engaphezu kukahulumeni wokubambisana”.
Ngakolunye uhlangothi, uButhelezi yena uthi i-ANC kumele ikwamukele ukuthi impi idle amahawu, kayisekho emandleni. Uthi yena ubasi wakhe uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli.
Abe-ANC bafuna i-IFP ithi mhlalisa phansi uMfundisi ngendlela aziphethe ngayo.
Ukashuba kwesimo kucaciswe ukusukuma kwabaholi abasesigungwini esiphezulu se-ANC esifundazweni beza esithangamini nabezindaba izolo eMhlanga. Unobhala we-ANC uMnuz Bheki Mtolo, usole uButhelezi ngokwenza okungafanele enameka ubuso bakhe ezimotweni ezithutha amanzi asanda kuzethula komasipala abahlukene.
“Akukwazi ukuthi ungafaka ubuso bakho ezintweni zikahulumeni. Kungathiwani nje uma uNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, angase anameke ubuso bakhe kuwona wonke amaveni amaphoyisa. Kungathiwani uma ngase uMengameli Cyril Ramaphosa engafaka ubuso bakhe kuzona zonke izimoto zikahulumeni. Sifuna i-IFP ikhulume noButhelezi ngendlela aziphethe ngayo,” kukhononda uMtolo.
Iphini likasihlalo we-ANC, uNksz Nomagugu Simelane onguMphathiswa wezeMpilo, lithe basebenza kahle nabanye abaholi be-IFP ngaphandle kukaButhelezi amfanise nezambane elibolile.
“Kungathiwani nje uma wonke ama-ambulensi angaba nesithombe sikaNomagugu, le nto ayenzile iphambene nokulunga. Siyabona (futhi) ukuthi uButhelezi unenkinga nomasipala abaphethwe yi-ANC, okuyinto esingeke sihlale sithule siyivumele,” kusho uNksz Simelane.
Usihlalo we-ANC, uMnuz Siboniso Duma, uthe bathola izingcingo eziningi ezivela ezinduneni ezisatshiswa ngokuthi izinkontileka zazo zizonqanyulwa.
Uthe kunesikhalo sabasebenza ngaphansi kohlelo lwe-Expanded Public Works, abachithwayo ngoba kusolwa ukuthi bangamalungu e-ANC.
“Yingakho sithi i-IFP ayimkhuze uButhelezi.”
Eziphendulela uButhelezi uthe ngeke ezwe nge-ANC ngoba uqokwe nguNdunankulu uMnuz Thami Ntuli.
Uthe i-ANC kumele ikwamukele ukuthi yalahlekelwa amandla okuhola isifundazwe emuva kokwehluleka ukuhambisa izidingo emphakathini waseKZN iminyaka engu-20.
“Ngiyayazi imizamo ye-ANC yokuzama ukubukela phansi umsebenzi wami njengoMphathiswa kanjalo nokuba uNdunankulu wesizwe samaZulu. Ngiyayazi nemizamo yokungcolisa isithunzi sami kwabezindaba.”
Uthe imizamo ngeke isebenze noma imehlise umdlandla ekutheni enze umsebenzi wakhe.
“Kumele i-ANC ikwamukele ukuthi ayisawuphethe uhulumeni waseKZN, ngeke ngizwe ngayo. Ngeke ngiyivikele inkohlakalo eyenzeke kuhulumeni odlule eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana,” kuphetha uButhelezi.
Sishicilele izolo i-IFP ingakaphenduli.
UDuma noButhelezi abaqali ukuphambana. UDuma wephuca uButhelezi umbhobho esathi wethula iSilo emcimbini wokukhumbula iNgonyama uDinuzulu kwaCeza.
I-ANC ibuye yachitha ukuthi imibiko ethi akukho ukusebenzisana okuhle kuhulumeni wesifundazwe, yathembisa ukuthi lizophela ihlandla likahulumeni besabambisene.
Iphike eyezingxoxo ne-MK Party, yathi ayikho into efuze leyo ekhona.
UMtolo uthe uma ubuholi bukazwelonke be-ANC buhlakaza ubuholi besifundazwe, bayosamukela isinqumo babuyele ukuyosebenza emagatsheni.