UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose ubikele abahambeli bomcimbi Igcwalisa Spring Picnic All White, ebingoMgqibelo, ngenzondo abhekene nayo nobunzima uma ehlela lo mcimbi.
Umcimbi walo nyaka oqhubekile nokuba sezingeni eliphezulu ububanjelwe eKings Park, eThekwini, ngoMgqibelo.
Evala umcimbi uKhuzani, ubonge abaxhasi bomcimbi okukhona kubo Isolezwe ngokuqhubeka bemeseka.
Uthe lokhu kumenza ajabule uma ebona abantu bephume ngobuningi kulo mcimbi.
“Ngiyanibonga nonke ngokuza kulo mcimbi wanamhlanje. Yize kunzima ukuwuhlela njengoba kuba kuningi okwenzekayo. Ngibhekana nenzondo eyisimanga nobunzima kodwa nina niqhubeke nokungeseka nami ngizame ngakho konke ukuthi wenzeke. Siyabona kubaxhasi abahlukene abaseseka minyaka yonke. Ngeke ngigcine ngabo ngiyanibona nonke nani ngokuphuma ngobuningi benu kulo mcimbi ukuze kube nje namhlanje,” kusho uKhuzani.
Yize ebalise ngale ndlela, kodwa abalandeli bakhe ubashiye begezeke igilo njengoba ecule izingoma zakhe ezehlukene, kwasukuma ngisho abebesematendeni.
Umcimbi ube usuvalwa nguye uKhuzani, kodwa bekulindeleke ukuthi uvalwe uNkosazana Daughter, ogcine engafikanga.
Abesifazane abanegama kumaskandi okukhona kubo uNdoni, Dr Buselaphi Gxowa, Thandeka Hadebe, Izingane Zoma nabo balimele igama lomaskandi kulo mcimbi.
Abaculi bakamaskandi abangenisile, izingoma zabo ezenza ezibukwayo ezinkundleni zokuxhumana uTikTok, nabo benze ezibukwayo kulo mcimbi, njengoba izingoma zabo zijatshulelwe abaningi.
Laba baculi kukhona kubo uLimit Nala, Mafikizolo, Mjolisi, Mzukulu nabanye.
UMorda, Big Zulu, K.O ngabanye babaculi abashiye izihlwele zimanzi te ukudansa.