AMATHIMBA ezinhlekelele KwaZulu-Natal, ayaqhubeka nokuqapha isimo sezulu njengoba iqhubeka imvula ehambisana nokuduma okunobungozi esifundazweni.
Umphakathi usuyalelwe ukuthi uhlale uqaphile ngemva kwemvula edale umonakalo ikakhulu eMgungundlovu.
Izolo akubikwanga kuphazamiseka ekubhalweni kwephepha lesibili leMaths, neMaths Literacy esifundazweni, nakuba imvula beyiqhubeka nokuna futhi liduma izulu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi, uthe akukho kuphazamiseka ababikelwe khona mayelana nokubhalwa kuka-matric.
EMgungundlovu imvula ebihambisana nomoya iphephule uphahla lwesikole i-Ashdown Primary, olwemizi ehlukene emawadini angu-10, uphahla lwamafulethi i-Aloe Ridge, yacekela phansi nengqalasizinda efaka nophahla esibhedlela iHarry Gwala, esasaziwa nge-Edendale.
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthe bazokwazi ngawo wonke umonakalo uma sebenze ucwaningo olugcwele. Uthe kulindeleke ukuthi isimo esibi sezulu siqhubeke ezingxenyeni eziningi zesifundazwe.
“Abantu abaqaphele ngoba kuwa izihlahla zicekele phansi imizi, kuvaleke nemigwaqo. Kuphazamiseka nogesi, kanjalo nezinye izinhlelo.”
Unxuse umphakathi ukuthi ulandele yonke imigudu ukuze uphephe. Uveze ukuthi amathimba ezinhlekelele ayaqhubeka afaka isandla lapho kudingeka khona usizo.
Inhlangano yabesimo sezulu kuleli iSouth African Weather Service (SAWS), ixwayise ngokuthi lizoqhubeka nokuduma okuhambisana nombani kuze kube yinamhlanje ezingxenyeni eziningi zezwe.
Ithe kwezinye izindawo kulindeleke kukhithike iqhwa, kube nomoya bese libanda kakhulu.
Abashayeli baxwayiswe ngokuthi balindele ukuthi imigwaqo ishibilike.
“KwaZulu-Natal kungawa izihlahla kuvaleke imigwaqo ngenxa yemvula ehambisana nomoya. Umbani uzoba yingozi kakhulu ngoba ungalimaza abantu kanjalo nemfuyo,” kusho iSAWS.