Orlando Pirates (1) 1
Richards Bay FC (0) 0
USALE emoyizela umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, kulandela ukunqoba kwezakhe kwiRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Le wini yePirates bekungeyesikhombisa kulandelana kusukela kuqale isizini okuyibeka esicongweni kwi-log lapho ingcono khona ngamaphuzu ayisithupha kwiMamelodi Sundowns enethuba lokunciphisa igebe namuhla.
“Sidlale ngendlela engishiye nganelisekile yize singazange sifike ngendlela ebengifisa ngayo ezintini zezitha,” kusho uRiveiro emuva komdlalo kwiSuperSport.
“Kukhona lapho kusafanele sikhuphule khona izinga kodwa ngenelisekile ngengikunikezwe abadlali kulo mdlalo obekumqoka ukuqoqa amaphuzu agcwele kuwona.”
Igoli ezinqobe ngalo ezikaRiveiro lishaywe u-Evidence Makgopa, esiwombeni sokuqala.
Ngaphambi komdlalo, uRiveiro obekungumdlalo wakhe ka-100 kwiPirates, uthe obekungaphezulu kwamarekhodi amaphuzu agcwele.
“Iwini isinika irekhodi lamawini ayisikhombisa kulandelana ngakho-ke akekho ongabazi ubumqoka balo mdlalo,” kuqhuba uRiveiro.
“Okuhle ukuthi noma kukhona abadlali abalimele kodwa akuzweli kangako ngoba laba abakhona bakhombisa ukukulungela ukulwela iqembu uma bebizwa.
“Siyabazi ubunzima esibhekene nabo kwiBay okufakazelwa ukuthi emidlalweni ewu-25 edlule e-Orlando iyona kuphela esaphumelele ukunqaba negoli,” kusho yena.
UBrendon Truter opheka iBay, ukhale ngokuthi badlala nePirates nje, kunabadlali bakhe abamqoka abasezigwebeni zamakhadi.
“Konke kuyasiphika ngoba asiphelele futhi besidlala imizuzu engu-120 emahoreni edlule ekubeni iPirates ibiphumule,” kusho uTruter kwithelevishini.
Esiwombeni sokuqala besingenayo iminyakazo etheni kwaze kwaba maphakathi naso lapho uMakgopa ephiwe khona igoli unozinti weBay, u-Ian Otieno, ochobe ibhola likaThabiso Monyane ngomzuzu ka-26.
Emuva kokuthola igoli, iPirates ikhombise izimpawu zokunethezeka ebholeni kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Nakwesesibili iPirates ibisawuphethe umdlalo yize nakhona ibingeyona ingozi kangako okulandelwe ukungena koMonnapule Saleng noTsegofatso Mabasa, ezindaweni zoMohau Nkota noMakgopa.
Bangene nomfutho oSaleng noMabasa okulandelwe ukuthi iPirates yakhe amathuba kodwa umdlalo wagcina uphele ngegoli likaMakgopa.