UFUNA izimpendulo umndeni wesitshudeni esibulawe yisoka emagcekeni esikhungo, iCoastal Tvet College, ophikweni lakwa-V eMlaza, ngokuthi udlule kanjani umsolwa wayobulala ingane yawo phambi kwezinye izitshudeni ekubeni kugadiwe.
Umndeni kaNksz Nothando Mnyandu (27) wase-Adams, ukhala ngezokuphepha kuleli kolishi njengoba ukholwa ukuthi ukube beziqinile ezokuphepha, ngabe ingane yawo obuthembele kuyona isaphila.
Umsolwa osebenza njengosicabha ematekisini aseGalleria (igama lakhe eligodliwe kuze kube kuqinisekiswa ukuvela kwakhe enkantolo), kuthiwa udlule konogada abebegade esangweni ngoLwesine, waqonda kumufi abanengane naye eneminyaka eyisikhombisa, wafike wambhokoda ngommese.
UNksz Mnyandu ubenza unyaka wokugcina kwi-Civil Engineering kulesi sikhungo.
Unina kamufi uNkk Nomusa Mnyandu ekhuluma neSolezwe, uthe akwehli kahle kubona njengomndeni ukwenzeka kwalesi sigameko ekubeni isikhungo sinonogada.
Uthe kucacile ukuthi impilo yezitshudeni isengozini ngenxa yezokuphepha ezingekho ezingeni.
“Okusididayo ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi umuntu ongafundi esikhungweni azingenele ngaphakathi agwaze isitshudeni ekubeni kunonogada? Sifisa kwenzeke ubulungiswa ngoba lesi sigameko sikhombisa ukuthi izitshudeni aziphephile,” usho kanje.
Uthe basola umona kumsolwa kwazise indodakazi yakhe ibike imbikele ukuthi uyayihlukumeza, athi izibona ingcono ngoba nakhu ifundile, isizoqeda.
“Ubehlala eyihlukumeza ethi isifunde kakhulu. Ingane yami ibisanda kumtshela ukuthi ayisamfuni, ngiyasola ukuthi esinye sezizathu ezenze wayibulala.”
Kuthiwa umsolwa emva kokugwaza umufi, uzame ukubaleka kodwa izitshudeni zamjaha zambamba, okuyilapho eboshwe khona amaphoyisa
Okunye okukhalisa uNkk Mnyandu, ukuthi batshelwe ukuthi indodakazi yabo ibisaphila kodwa kwaba nomyalelo wokuthi ayingathintwa, akulindwe amaphoyisa.
“Afike isivele isithule ekubeni esikhungweni kunezimoto ebezingayiphuthumisa emtholampilo. Silimele singumndeni ngoba akukho muntu osebenza ngokugcwele la ekhaya.”
Uthe bonke bazibambela amatoho kanti bese kubhekwe umufi ukuthi aqede, asebenze bese ebondla.
Izigameko zalolu hlobo seziyinsakavukela kulesi sikhungo njengoba ngo-2020 ophikweni lwaseMbumbulu, kwadutshulwa izitshudeni ezintathu ngaphakathi esikhungweni.
Kulesi sigameko kwashona uSimanga Zulu, kwathi ababili ayehleli nabo bangeniswa esibhedlela.
Kwaboshwa abasolwa abahlanu.
Ngawo u-2020 ophikweni lwaseMbumbulu, kwabulawa uMnuz Lindinkosi Mazibuko, owayeyiNhloko ophikweni lokuThuthukiswa kweNgqalasizinda esikhungweni.
Wadutshulwa abasolwa abangabonwanga esemotweni yakhe endaweni okupaka kuyo izimoto kulesi sikhungo.
IPhini likaNobhala wenhlangano yezitshudeni i-South African Students Congress KwaZulu-Natal, uNksz Noxolo Ntshangase, lithe nakuba bebengakawutholi umbiko ngalolu daba, kodwa udaba lokuphepha ezikhungweni zemfundo ephakeme yinto ebakhathazayo kakhulu.
“Izigameko ezithinta ukuphepha ezikhungweni enye yezinto esikhathazayo, kodwa uma kwenzeka isigameko esinjalo siyasisukumela ngokusebenzisana nobuholi bezitshudeni kuleso sikhungo nobesifunda,” usho kanje.
Okhulumela isikhungo uMnuz Thami Ngcobo, uqinisekisile ukuthi lesi sigameko senzekile, wathi okwamanje kusenophenyo lwangaphakathi ekolishi.
Uthe uphenyo luhlanganisa nenkampani yonogada, eqapha ezokuphepha esikhungweni.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ukuqinisekisa ukuboshwa kukamsolwa.