I-ACTIONSA isiveze ukuthi phezu kokuthi ongqongqoshe be-DA bengazisebenzisi izimoto eziphayiza amalambu aluhlaza, kodwa kwezikaNgqongqoshe wezoLimo uMnuz John Steenhuisen afakiwe.
USteenhuisen uphinde abe wumholi we-DA ekuhulumeni wokubambisana.
Kuthiwa uSteenhuisen uhamba nge-Audi Q7, BMW X5 neToyota Prado.
I-Action SA ithe ephendula umbuzo wayo ePhalamende, uSteenhuisen uthe izimoto zakhe zinamalambu aluhlaza nokunye kokuxwayisa abanye abashayeli.
Phambilini uSihlalo we-DA, uNkk Helen Zille waveza ukuthi akekho ungqongqoshe wabo osebenzisa amalambu aluhlaza.
“Yize uSteenhuisen ake azama ukuziveza njengomuntu ohamba nge-Toyota (Corolla) Cross, impendulo yakhe iveza ukuthi uhamba ngezimoto ezintofontofo ezingama-SUV akwaNokusho amathathu.
“Yize lokhu kungahlukile kuSteenhuisen, lobu bukhazikhazi obunikezwa ongqongqoshe lapho izindawo zokupaka izimoto ezifana nezasePhalamende zifana negaraji elidayisa ubutsetse bezimoto kunokuba yisikhungo esigxile ekubekeni eqhulwini imisebenzi yabantu baseNingizimu Afrika,” kusho i-Action SA.
Ithe ngesikhathi amaphoyisa engakwazi ukuhlinzeka iziteshi ngezimoto nokuphazamisa amandla wo okulwa nobugengu obudlangile nokushiya abantu baseNingizimu Afrika besengcupheni, iKhabhinethi ihlala ngokunethekeza futhi inonogada abakhokhelwa ngabakhokhi bentela abaphoqeleka ukuthwala kanzima.
Ithe okunye okuthwalisa kanzima abakhokhi bentela yimali echithwa ngongqongqoshe ngokuya phesheya abaphelezelwa ngamaphini abo nabasebenzi abaningi.
Ithe izolwa kanzima nalokhu.