UQOLOTHAKAMANGO womculi we-Afro Jazz, u-Abigail Kubheka (84), uthi akakulungele ukuthatha umhlalaphansi kwezobuciko njengoba uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, enze lesi siphakamiso ngenxa yokuthi kuningi asekwenzile.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto, u-Abigail, uthe umsebenzi wokuba ngumculi uwubizo kuyena. Awukwazi ukuthi ungatshelwa ukuthi thatha umhlalaphansi kuwona bese wenza kanjalo.
Uthe uyaqonda ukuthi side isikhathi ekule ndima njengoba egubha iminyaka engu-67 kulo nyaka elokhu ayibamba ishisa kodwa kuningi asazimisele ukukwenza.
“Noma umculo uwumsebenzi kodwa uphinde ube wubizo. Thina singothisha siyafundisa ngawo siphinde silaphe imiphefumulo ngawo. Kwesinye isikhathi asiwenzi ngenxa yemali kuphela ngoba nayo iyaba khona kwesinye isikhathi ingabi khona kodwa sisuke singawuyekile wona ngoba siqonda umsebenzi wawo. Uma ngingathatha umhlalaphansi ngizogcina sengihlupha ekhaya, ngimemeza ngicula nasendlini ngoba izobe ingasekho indawo engizonikwa ithuba lokuthi ngicule kuyona,” kusho u-Abigail.
Uthe ziseningi izinhlelo anazo zokusabalalisa ulwazi ngomculo.
“Kumanje ngihlela ukuthi ngibe nezithangami zokucija intsha ngolwazi lomculo nokuthi iqonde ukuthi uyini. Ungqongqoshe uthe kusazoba nezinhlelo zokuthi kuqhutshekwe nemigubho yokubungaza isikhathi sami ngisendimeni. Lokho ngifuna ukukusebenzisa ukunika intsha ulwazi ngomculo. Ngihlela ukuthi ngihambele zonke izifundazwe eNingizimu Afrika ngiveza ulwazi esenginalo ngiphinde ngifundise. Okuphinde kungijabulise ukuthi manje sengicula nabazukulu. Lokho kuvele ngizizwe ngimncane kwamina,” usho kanje.
Uthe ngenxa yobizo kulo mkhakha kuyenzeka aye emcimbini ngisho engaphilile akhumbule eseqedile ukunandisa ukuthi kambe kusamele aphuze amaphilisi kadokotela.
Uthe umbhobo uyowubeka phansi ngoba engasekho kulo mhlaba.
Le nkakha isihlonishwe kwaze kwaba kathathu ngendondo yeLifetime Achievement Awards, njengoba isike yayithola kwi-Wawela Music Awards nama-Safta.
Maningi namafilimu nemidlalo yethelevishini esike yalingisa kuyona okukhona kuyona i-The Long Run, Cry the Beloved Country, Joe Bullet, Morning, Mandela, An African American, City of Blood, Queen Sono, Generations: The Legacy, ukukha phezulu.
Emculweni waqala kanye noMiriam Makeba, Hugh Masekela, Thandi Klaasen nabanye.