UMHLELI womncintiswano wonobuhle uMiss World South Africa obuqala ukuba sePitoli ngoMgqibelo ebusuku, uCarol Bouwer, uthe kumele kunganconywa yena yedwa ngawo kodwa ithimba lakhe lonke.
UCarol ubekhuluma emcimbini uhlelo lwawo obeluphethwe nguMinnie “Intombi Yom’Zulu” Dlamini.
UCarol uthe namanje akakholwa ukuthi nguye onelungelo lokusingatha lo mcimbi.
“Uma ungangibuza ezinyangeni ezedlule ukuthi ngiyafuna yini ukuba nale layisensi bengizothi ‘hhayi bo’. Ngimi la namhlanje ngimangele ukuthi leli thimba engisebenza nalo lingisize ngazuza ubusuku banamhlanje. Ngiyazi ukuthi kukhona abathi siyakubongela Carol kodwa cha. Halala kulo lonke ithimba,” kusho uCarol.
Kulo mcimbi isicoco besibangwa yizintokazi ezingu-12 ebeziqhamuka ezindaweni ezehlukune kuleli.
Kugcine kunqoba uClaude Mmakgaka Mashego (24) waseMpumalanga. UZoalize Jansen van Rensburg wasePitoli obehlanganisa iminyaka engu-18 ngoMgqibelo uphume indawo yesibili (1st runner up) kwathi u-Alyssa Joan Smith (26) waKwaZulu-Natal waphuma indawo yesithathu (2nd runner up).
UClaude, ongudokotela, ngaphambi kokuthi anqobe uthe ufuna ukwakha abaholi abasebancane nabantu abasha abazobumba imiphakathi kuleli nasezwenikazi i-Afrika yonkana esebenzisa inkampani yakhe engenzi nzuzo iYoung Leaders Network.
Uthe kunezindawo angeke akwazi ukufika kuzo siqu sakhe ngenxa yokuqhela kwazo nokuthi uyedwa kodwa wathi kuningi okungazuzwa uma bonke abantu abasha behlangana nombono owodwa wokuthuthukisa i-Afrika.
UMinnie umemezele ukuthi uzomela izwe e-India emncintiswaneni kaMiss World lapho ezobe encintisana khona nabakwamanye amazwe.
Umcimbi uqale kukhonjiswa izicukuthwane ezingena kukhaphethi obomvu lapho owayengumethuli weSelimathunzi, uLunga Shabalala ebezibuza khona ngemisiko yazo.
Kuthe sekuqala uhlelo losuku inkundla yavulwa nguMthandazo Gatya. Abanye abanandisile nguNoba, Unathi noJimmy Dludlu.