IQEMBU elidle umhlanganiso emunxeni weNdlamu emqhudelwaneni wengoma wasePlayhouse, obuseCurries Fountain Stadium eThekwini ngeledlule iNgqayizivele AmaZulu Ingoma Dancers, selineminyaka engu--39 liyibambile insimbi ishisa kule ndima.
Leli qembu elasungulwa nguthisha uN.A. Mahlaba, seliwole inqwaba yemiklomelo futhi lazungeza umhlaba.
UMahlaba uthi wasungula leli qembu ngo-1985 ukuqinisekisa ukuthi ukugida ingoma, okuklama indima esemqoka esikweni lesiZulu, kuyagcinwa futhi luyathuthukiswa ukuze luficwe yisizukulwane esizayo nokususa intsha ezidakamizweni nasebugebengwini.
Ngokuhamba kwesikhathi iNgqayizivele igcine seyingenela imincintiswano kuzwelonke nasemazweni angaphandle, eminye yale miqhudelwano ebisakazwa bukhoma kwithelevishini.
Eminye yayo yiPlayhouse Zulu Dance Championship eliwine kuyo ngesonto eledlule neNatal Championships ebiba soLundi, Amabele Breweries Competition ebiba seThekwini, Igugu Competition eliba seVryheid, iNorthern Natal Champ of Champions ebibanjelwa eDurnacol neNqolobane Yama Gugu AkwaZulu Competition ebibanjelwa oNdini.
Ingqayizivele iqale ukumenywa phesheya kwezilwandle ngo-1993 eRussia, Barcelona naseMallorca.
Ngo-1994 imenywe eTurkey kwathi ngo-1995 yabamba iqhaza kumncintiswano owawubanjelwe eSpain, lapho yayiqhudelana khona namaqembu abalelwa ku-150 aqhamuka kumazwe ngamazwe asemhlabeni.
Yize kwakuyilo kuphela iqembu elaliqhamuka eNingizimu Afrika kodwa iNgqayizivele yalala isithathu.
Ngo-Ephreli 1996 limenywe ukuba liyonandisa eLondon emuva kokuthi iNdlovukazi yamaNgisi, uQueen Elizabeth ebone leli qembu ligida emcimbini owawuse-ICC, eThekwini ngesikhathi kugcotshwa uDkt Nelson Mandela.
Ngo-Okthoba 1996 leli qembu lamenywa ukuba linandise eBrazil futhi lakhonjiswa kwiBBC. Ingqayizivele yabuye yanandisa emqhudelwaneni we-Iwisa Maize Meal Spectacular, eFNB Stadium, eGoli nasemhlanganweni wamazwe ase-Afrika, i-OAU, owawuse-ICC, eThekwini.
Yabuye yabamba iqhaza kwi-video yengoma kaLucky Dube ethi: I Got You Babe. Lidlale phambi kukaNdunankulu kaZulu ongasekho, Inkosi uMangosuthu Buthelezi ,uNkk Zanele Mbeki noMnuz Tito Mboweni.