ABACULI bakamaskandi, uSaliwa noGqizile sebesuse umbango ngegama leqembu Izinkabi Zezwe elibunjwe wuBig Zulu noSjava.
USaliwa uqale ngokubhala ekhasini lakhe leFacebook, wafaka nesithombe sakhe enoGqizile begqoke ngokufana, bazibiza ngeZinkabi Zezwe Nqo.
Isithombe sabo benoGqizile besihamba nombhalo othi: “Thina akekho umculi esimkhonze ukwedlula abanye. Ibandla silikhonze ngendlela efanayo, ikakhulukazi leli elingaphambi kwethu, cha liyasiphilela. Kodwa-ke cha ngequpha singazidlela amahlanga.”
Ethintwa uSaliwa ngalo mbhalo, uthe impela bayiZinkabi Zezwe Nqo benoGqizile futhi igama akade baba nalo kodwa bebengalivezile belinde ukuphothula i-albhamu yabo bese beyaliveza.
“Ngebhadi abafowethu laba asebaziwa ngeziNkabi Zezwe, basheshe baliveza singakalivezi thina. Besimatasa nemisebenzi yethu ngokwehlukana noGqizile, obekwenza singasheshi ukuliveza.
Njengamanje sesiqedile ebesikwenza.Silungisela ukukhipha siyiqembu, Izinkabi Zezwe Nqo. NoNdoni ebesimlindile ukuthi aphothule umsebenzi wakhe, usewuphothulile njengoba kunguyena esizompika kwezinye izingoma,” kusho uSaliwa.
Kuthintwa uSjava, uvele wabhoka ngolaka, wathi ufuna ukubuzwa ngomculo wakhe kuphela.
“Nkabi yami, ungazongibuza umbhedo la. Manje ufuna ngithini mina uma bezibiza ngeZinkabi Zezwe? Uma bethanda abazibize ngoSjava.
Mina uma ukhuluma nami wongibuza ngomsebenzi wami, hhayi le nto ongibuza yona. Manje ufuna ngithathe isibhamu ngiyobadubula yini? Ukube wena uyimina ubungenzanjani? Yini uyasiqhatha manje,”kusho uSjava ebhoka ngolaka.
Kuhlule ngisho esebuzwa ukuthi abakusabi yini ukuthi okwenziwa woSaliwa kuzophazamisa iqembu labo eselaziwa ngaleli gama, kodwa ume ekutheni ubuzwa umbhedo.
Kuthintwa uBig Zulu, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga.
USaliwa ubevele esebenzisana noGqizile kwezinye izingoma. Enye ingoma yabo eyaba sematheni ethi: Suka Sishimane ababepike kuyona noMzukulu.