UMLINGISI, uNkosinathi ‘Naymaps’ Maphalala, odlala indawo kaSiphamandla ‘Zamcolo’ Mthembu kuMkhokha, useveze ukuthi isifiso sakhe sokuhlangana nenkosi yamaNazaretha asohlangothini lwaseBuhleni uNyazi Lwezulu, sesizofezeka njengoba bezohlangana maduze.
Ekhuluma neSolezwe Online, uNaymaps uthe, yize bebengakaluhleli usuku lokuhlangana noNyazi, kodwa emavikini azayo bazohlangana eBuhleni, eNanda. Uthe ungumuntu obukela kakhulu kulona uNyazi njengoba nendawo ayidlalayo kaZamcolo icishe ifane neyenkosi uNyazi.
“Kuyisifiso sami sansuku zonke ukuthi ngihlangane noNyazi, empeleni ngingakuthokozela kakhulu ukuhlangana naye. Kodwake abaphathi bomdlalo uMkhokha besebengitshelile ukuthi angivive ngoba noma yinini sizohlangana noNyazi.
UNyazi ngibukela kakhulu kulona ngoba lendawo engiyidlalayo icishe ifane nalo uNyazi,” kusho yena.
Eqhuba ekhuluma ngendawo ayidlalayo kaZamcolo uthe, yamuphosela inselelo njengoba kwakumele acophelele njengoba imataniswa nenkolo yamaNazaretha.
“Njengomuntu othanda ukufunda, kwathi mhlazane ngitshelwa ngalendawo engiyidlalayo ngabe sengenza ucwaningo ngeNkosi yamaNazaretha, lokho kwenze ukuthi lendima engiyidlalayo kaSiphamandla Mthembu ibe namandla futhi ihlonipheke.
Ngibahlonipha kakhulu abantu abasuke sebekhethwe uNkulunkulu ukuthi bashintshe izimpilo zabantu, izithunywa zikaNkulunkulu ngifunda kakhulu kuzo, ngoba nobaba ongizalayo naye ungumfundisi. Ngalokho ngiqonde ukuthi kubalulekile ukuthi uhloniphe indima osuke unikwe yona ukuthi uyilingise. Ngingumuntu othandazayo futhi okholelwayo kuNkulunkulu, ngakhoke konke okwenzekayo kungenxa yomdali,” kusho uNaymaps.
“KuMkhokha kumnandi ngenye indlela, yabona wonke umuntu esisebenza naye ufana nomndeni. Ngicabanga ukuthi yingakho abantu bethanda lomdlalo wethu, ukuthi siyezwana emsebenzini. Siyakuqonda futhi ukuthi lento esiyenzayo siyenzela abantu,” kuqhuba uNaymaps.
Ekhuluma ngomculo wakhe uNaymaps, uthe abalandeli bakhe bngalindela lukhulu kuleli hlobo njengoba ezokhipha i-albhamu.
“Zisazokhala kakhulu ngomculo wami ngoba kukhona engikuphekayo, kunecwecwe eliphume ngoJulayi ngonyaka odlule, sengibuyileke manje abantu bazobhema bakholwe, abahlale belindile nje bona,” kusho uNaymaps owaduma kuZalo.