UMLINGISI woMkhokha: The Curse, uMlungisi Mathe uthi kumphatha kabuhlungu ukuzwa abantu bethi kumele axoshwe uSbusiso kulo mdlalo okuyindawo ayilingisayo ngoba becasulwa yindlela enza ngayo.
UMlungisi udlala indawo kaSbusiso oyisicashalala sikaMkhululi (Nkanyiso Mchunu) kuMkhokha: The Curse. Uthe ayikho into emphatha kabi njengokuzwa abantu bethi kumele axoshwe lo mlingisi kulo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi abantu bayithatha ngezinhliziyo izindawo esizilingisayo baze bacabange ukuthi siyilabo bantu.
“Ayikho into engihlukumeza njengokuzwa abantu bethi sekumele axoshwe manje lo Mkhululi nalo Ice boy wakhe onguSbusiso.
“Lokho yinto engike ngizithele kuyona abantu bekhuluma ngayo uma ngiyothenga ezitolo. Lento abasuke beyisho akuyona into engiyifisela omunye umuntu.
“Kumele bakhumbule ukuthi nathi wumsebenzi lona esiwenzayo. Abakushoyo kufana nokuthi bathi asixoshwe emsebenzini,” kusho uMlungisi.
Lo mlingisi uthe yize kunjalo kodwa abanye abalingisi abukela kubona, bayawuncoma kakhulu umsebenzi wakhe, okwenza abone ukuthi wenza kahle.
Uthe ngaso sonke isikhathi uzinikela ngokuphindwe kashumi ukuthi adlale indawo kaSbusiso ngendlela ezojabulisa abantu.
Udalule nokuthi kuzona zonke izindawo aseke wazilingisa uhlale efuna ukushiya umaka ngazo.
“Uma ngibona ukuthi indawo engizoyilingisa ayizoyifeza le nhloso ngingamane ngingangeni kuyona.” usho kanje.
Usake wadlala indawo ka-Emkay, kwiSkeem Saam, walingisa nakwiRythym City njengoba esedlala indawo kaSbusiso kuMkhokha.
Ngaphandle kokulingisa uMlungisi uphinde abe ngumculi. Emculweni waziwa ngoSkandi Kid. Izingoma aziwa ngazo yi-Do You Remember, Ng’qonyiwe, Chineke, Type Yam, Badumile, Malume nezinye.
Uthe akazimisele ngokuba wumlingisi isikhathi eside kodwa ufuna ukuba nguphrojusa wamafilimu. Ukuba nguphrojusa uthe yinto azobe engayiqali uma esenza amafilimu njengoba eke aphrojuse imidlalo yeshashalazi.
Okwamanje uthe abantu abalindele lukhulu ngendawo kaSbusiso kuMkhokha, njengoba kukhona abazoyithanda abanye izobamangaza ngendlela okusazoba nomsindo ngayo ngalo mlingisi.