ICIKO lamahubo, uMbuso Khoza, (45) liveze ukuthi selisungule isikole, iMbuso Khoza Institute sokucija intsha ngamasiko nangobuciko eShowe.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto uthe ubone ukwehluleka koMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ukuphakamisa ezobuciko KwaZulu-Natal.
“Njengamanje ngimatasa njengoba ngizovula ngokusemthethweni maduze isikole esizofundisa intsha ngamasiko nobuciko. Uma uthatha ukubheka intsha kayifundiswa ngokubaluleka kwamasiko ethu. Kumele sifundise abantu abasebasha ngoMhlonyane, uMemulo nazo zonke izinto eziphathelene nathi singamaZulu.
“Mina ubuciko ngibuqhakambisa kakhulu. Ngokubuka kwami uhulumeni wethu KwaZulu-Natal akenzi ngokwanele ukuphakamisa nokufukula indima yezobuciko kulesi sifundazwe. Njengoba ngivula isikole sezobuciko iningi intsha ezozuza,” kusho uKhoza.
UKhoza, imicwi yakhe eke izwakale emdlalweni uMkhokha, uthe njengoba izwakala nje nasemdlalweni uShaka iLembe, wacelwa nguNhlanhla Mtaka ukuba abe yingxenye yabadidiyela umculo kuwona.
Eqhuba uKhoza uveze ukuthi ezinye zezinto ezimsebenzelayo endimeni yezobuciko, wukuhlala elangazelela ukufunda izinto ezintsha.
“Mina ngidume kakhulu ngokuhuba amahubo akithi kwaZulu, amaningi okungawasendlunkulu. Ukulingisa kuze kamuva njengoba ngaqala ukuvela eziqeshini zomdlalo iMbewu.
Kuthe ngo-2018 ngathintwa nguDuma kaNdlovu efuna ngizohuba namahubo emdlalweni ayewenza uMkhokha, kwase kuvela nethuba lokuthi ngilingise.
“Mina ngiyakholelwa ekutheni alukho ulwazi olwanele. Ngaso sonke isikhathi empilweni kumele uvule isikhala sokufunda into entsha. Njengoba nginolwazi lomlando, wukuthi ngangihlale ngizihlupha njalo ngomlando wakithi kwaKhoza. Ngibe sengiqhubeka njalo ngokuwufunda umlando wethu waKwaZulu” kusho yena.