TS Galaxy (0) 0
Orlando Pirates (1) 2
KUSENAMABHAWODI okusafanele afaswe kwi-Orlando Pirates, ngokusho komqeqeshi wayo, uJose Riveiro, obegcwele injabulo kulandela ukunqoba kwayo kwiTS Galaxy kwiBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku, eMbombela Stadium.
URiveiro obekhuluma emuva komdlalo, uqhakambise injabulo ngokuqhubeka nokuwina kodwa wabalula ubumqoka bokuqhubeka nokusebenza.
Le wini inwebe igebe lePirates esicongweni laba amaphuzu ayisithupha ngaphambi kokuba iMamelodi Sundowns ithole ithuba lokulwela ukulinciphisa namuhla. Ezimnyama seziyinqobe yonke imidlalo eyisithupha yeligi ezisayidlalile.
“Sizishaya isifuba ngale wini ngoba isho ukuthi siyaqhubeka nomsebenzi omuhle esiwuqale kusukela kuqale isizini,” kusho uRiveiro kwiSuperSport.
“Nakulokhu kunabadlali abathintekile kodwa asitatazeli ngoba konke okuzokwenzeka sizophoqeleka ukuba nezimpendulo.”
Inkundla ivulwe ingcwenga yegoli likaThalente Mbatha, esiwombeni sokuqala ngaphambi kokuthi uRelebohile Mofokeng ashaye elakhe leqophelo eliphezulu kwesesibili.
IGalaxy iwuqede ingasaphelele umdlalo kulandela ikhadi elibomvu elitholwe uKamogelo Sebelebele umdlalo usuyophela.
Ngaphambi kokuqala komdlalo, uRiveiro ubalule ubumqoka bokugcina umgqigqo ukuze bezozinza kule ndawo abahleli kuyona kwi-log.
Ngaphambi komdlalo umlingani kaRiveiro, uSead Ramovic, uthe: “Siqale kabi kule sizini kodwa izinguquko esizenzile sithemba ukuthi sizovukuza okuthile nathi siqale ukuqoqa amaphuzu njengabanye.”
Nempela iqembu lakhe liqale kangcono ngeminyakazo yize ibigcina ingeyona ingozi ezintini zikaSipho Chaine, obevimbele iPirates.
Ngemuva kokuthi u-Evidence Makgopa ehlulwe amathuba alula ngemizuzu yokuqala engu-10 kodwa uMbatha ushaye phakathi inguzunga yeshodi ngomzuzu ka-16.
Leli goli lilandelwe imvula yeminyakazo yePirates yokuthola elesibili kodwa kuze kwayiwa ekhefini ingalitholanga.
Nakwesesibili (isiwombe) iGalaxy iqale ngomfutho ofanayo kodwa nakulokhu lingene ngakuyona ngenye ingcwenga kaMofokeng ayishaye ngoka-72.