UMLINGISI woMkhokha: The Curse nophinde abe ngumnikazi weMandulo House ebolekisa ngemvunulo, uNelisiwe Sibiya, uthi akayingeni eyabaxabane ezinkundleni zokuxhumana ngegama lakhe emva kokuthi kukhona othe bekungamele enzelwe umemulo ngoba akaseyona intombi nto.
Indaba isuke ngowesifazane obizwa ngoSmangele Duma obhale ukuthi bekungamele uNelisiwe Sibiya enzelwe umemulo ngoba akaseyona intombi nto. USmangele ngomunye wezintokazi ezizigqaja ngobutshitshi. Uphendulwe ngenye intokazi ezigqaja ngobutshitshi uMaChumase, embuze ukuthi uhlanganaphi nomcimbi wenye intombi aze akhulume ngayo ezinkundleni zokuxhumana?
Ebuzwa ngalezi zindaba uNelisiwe, uthe sekukaningi abantu bexabana ngegama lakhe ezinkundleni zokuxhumana.
“Angifuni ukuyingena eyabaxabane ngegama lami. Sekukaningi kwenzeka abantu baxabane ngegama lami ezinkundleni zokuxhumana. Angifuni nokuyiphatha into ezoveza kabi umcimbi wami kade umuhle kanje. Nalokho abakushoyo ngami angifuni nokukhuluma ngako,” kusho uNelisiwe.
Lo mlingisi ubemuliswa kubo eSikhawini ngempelasonto, lapho bekuphume khona nesinedolo beze emcimbini wakhe. Nosaziwayo bebephume ngobuningi njengoba kuvela abanye anabo kuMkhokha: The Curse oHope Mbhele, Sibonile Ngubane nabanye. Kwabanye abebemmisile emcimbini wakhe kukhona nomlingisi wemidlalo yethelevishini uVelile Makhoba.
UNelisiwe uthe into angathanda ukukhuluma ngayo yibhizinisi lakhe lokuhlobisa endaweni okusuke kwenzelwa khona umcimbi wesintu nokubolekisa ngemvunulo.
“Nginenkampani yami iMandulo House okuyiyona engiyisebenzisile ngemvunulo yomemulo wami. Kumanje ngisezinhlelweni zokuthi ngiyethule kabusha njengoba ikhula nasekubolekiseni ngemvunulo. Angigcini ngokubolekisa imvunulo yabesifazane kuphela kodwa neyabesilisa iyatholakala yonke,” kusho yena.
Le ntokazi yagqama idlala indawo kaDkt Mbali Mthethwa kwiDurban Gen kwi-etv, manje ilingisa indawo yommeli uNompendulo kuMkhokha: The Curse kuMzansi Magic.
Yake yakhipha ne-albhamu yezingoma ezazidlalwa emdlalweni okhuluma ngempilo yasejele lapho kudonsa khona abesifazane iLockdown eyayidlala kuMzansi Magic.