UMSAKAZI wohlelo lukamaskandi kuKhozi FM, uBingelela Mpanza, uthole ingqayizivele yethuba lokuphatha uhlelo emqhudelwaneni wengoma kazwelonke eCurries Fountain Stadium, eThekwini ngoMashi 21 kusukela ngo-9 ekuseni.
Kule ndumezulu yomncintiswano waminyaka yonke, ehlelwa yiPlayhouse Company, uBingelela (34) uzosina adedelana noJuba Special Dlamini, oke wethula uhlelo Sigiya Ngengoma, nomufi uBhodloza Nzimande.
Kowe National Ingoma Competition kuzodlana imilala amaqembu engoma yezinsizwa neyezintombi, ushameni, isikhuze, indlamu, umzansi, nesigekle.
UBingelela uthe kufana nokunyelwa yinyoni esandleni ukuthola ithuba lophatha uhlelo kowengoma ngoba uzobe eqala ukubamba iqhaza kulo mqhudelwano ohlonishwa yiwo wonke amagosa.
"Ngijabulile kakhulu ngoba lokhu kusho ukukhula kwegama likaBingelela. UNkulunkulu ulokhu engithwale njalo. Kulo nyaka nje ngizobe ngingene khaxa phakathi kwezinsizwa laphaya ePlayhouse. Kuzobe kungokokuqala ngqa, ngiphethe uhlelo emcimbini omkhulu nje ngalona," kuphawula uBingelela.
Ubuye wehlelwa ngenye inhlanhla ngoba ungomunye wabaculi abazonandisa kwiMother of All Maskandi Festival, engo-Ephreli 6, eMoses Mabhida Stadium, ePeople's Park, eThekwini.
Ngokwezinhlelo zomcimbi kuboshelwe amaciko aphambili azobe eshiyelana inkundla okubalwa uKhuzani, Igcokama Elisha, Vumile Mngoma, Zulu Messengers, Jumbo, Izingane Zoma nabanye abaculi abasazomenyezelwa.
UBingelela uthe kwiMother of All Maskandi Festival uzoqhulula amanoni amnandi omculo wakhe omusha awukhiphe nonyaka othi, Wangjikela.
"Abantu abathenge amathikithi ngoba into esizoyenza esteji izobe iseqophelweni eliphezulu. Ngakho-ke abantu abafike ngobuningi kule micimbi," kuphetha uBingelela.
Nyakenye uBingelela ukhiphe i-EP esihloko sithi Ibuya, ihlanganisa namanoni athi Soka Lami, nelithi Baba Wami.
Njengoba esekhiphe icwecwe likamaskandi, ngo-2015 uBingelela wakhipha i-albhamu yokuqala ye-Afro soul/jazz ethi Isibingelelo.
Ikhono lokucula lentokazi laqhakanjiswa yisikhungo sezobuciko esisoLundi, Indonsa Arts Centre kodwa lagqama esikhungweni esiseThekwini, esasiphethwe nguMbongeni Ngema, iKZN Music House.
Yilapho uBingelela akhipha i-albhamu yokuqala emuva kokuhlabana emqhudelwaneni weKZN Music House, iVezikhono Talent Search.
Ube esejoyina umsakazo womphakathi iNongoma FM ngaphambi kokudla umhlanganiso emncintiswaneni woKhozi FM iWinnie Mahlangu: Next Presenter Talent Search ngo-2021. Ngonyaka olandelayo wethula uhlelo lwangezintathakusa ngeSonto, iSekuntwela Ezansi.
Nyakenye uBingelela unikezwe uhlelo oluthi Sigiya Ngengoma, oluyintandokazi emabhinceni kanti ulwethula noBeekay Mchunu.