UZITHELE kwizimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili umsakazi weNongoma FM, uNqubeko Ndlela, ngombhalo awufake ekhasini lakhe le-Facebook ngoLwesibili, ngenkulumo abaningi abayithathe ngokuthi ilwisa abantu besifazane, asebezakhele udumo ngokuphatha imicimbi kamaskandi.
UNqubelo naye owu-MC wemicimbi, ubhale wathi: “Bese kuba yila mantombazane asegcwele kumaskandi, asezenza oNkulunkulu bamaskandi. Wonke futhi asefuna ukuba wo-MC emicimbini kamaskandi.”
Abantu banikele kulo mbhalo, babala amagama ezintokazi ezaziwa ngokuphatha izinhlelo emicimbini kamaskandi okukhona kuzona uMashudula noModelkaz. Abanye bebemgxeka ngalokhu akushilo, abanye bewenza ihlaya lombhalo.
Ethintwa uModelkaz ngalolu daba, uthe umphathe kabi umbhalo kaNqubeko.
“Sibonile ukuthi ubegudla thina ngalo mbhalo. Kukhombisa ukuthi unomona ngomsebenzi wethu omuhle esiwenzayo, owenza siqashwe ubuthaphuthaphu. Kusiphatha kabi nokuthi usebenzisa igama lethu kabi ukuba sematheni ebantwini,” kusho uModelkaz.
Omunye wabaxoxe neSolezwe, uYenziwe Ndimande ongumhleli wemicimbi nomlandeli wokuqina wezesintu nomculo wesintu, uthe kusobala ukuthi uNqubeko ubegudla bona ngalo mbhalo wakhe, aveze ukuthi bekungasikho okokuqala ekwenza.
“Useke wakwenza phambilini ukuthi abhale umbhalo obeka kabi abantu besifazane abakhonze umaskandi, njengoba namanje eqhubeka ngalokhu. Kuyasikhathaza ukuthi kungani ephawula kangaka ngezinto zomculo wesintu ekubeni singakaze sambona nakowodwa umcimbi kamaskandi. Thina umculo wesintu sikhule ngawo futhi akekho umuntu ozositshela ukuthi siweseke kanjani ngoba esikwenza manje asifiki nakho,” kusho uYenziwe.
Ethintwa ukuphawula ngalolu daba, uNqubeko uzivikele ngokuthi yena ubengaqonde gama lamuntu ngalokho kepha ubevuma induku yokuthi abesifazane bafike kwezwakala kule ndima.