UMKHONDO wamaphoyisa ukhomba ukuthi kukhona okudla amantshontsho emsamo ecaleni lokuqothwa kwabayisikhombisa bomndeni wakwaKhambule eHlokozi, eHighflats, ngenyanga edlule.
Lokhu kuvele izolo kulandela isiga sangoLwesibili lapho amaphoyisa edubule abulala abasolwa ababili kwabane abayamaniswa nesibhicongo esenzeka kwaKhambule ngoSepthemba.
Kuleso sigameko, esasukumisa ngisho uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli ngenyanga edlule, kwashona umama wekhaya uBahlakaniphile Khambule (64), indodakazi yakhe uPhilile (39), umalokazana uNompilo (34), isihlobo uSikhumbuzo Khambule nabazukulu uLisa (9), Siphosethu (9) noZemvelo (5).
Ekudubulaleni kwakuthangi, kuvela ukuthi abebesolwa bebehamba ngeToyota Corolla eSt Faiths okuthe amaphoyisa ebamisa bagoloza.
Kuthiwa bavele badubula bebhekisa emaphoyiseni, nawo abuyisela ngezulu lezandla. Kulowo mgqashiyo wezinganono kufe abasolwa ababili nowesifazane obehamba nabo. Kuthiwa kunoyedwa wesine othe nyawo zami ngibelethe, ongakatholakali namanje.
Kubasolwa abashonile, oyedwa kuthiwa udlala eqenjini lebhola likamsolwa ohamba phambili esibhicongweni, omunye abe yisigcwelegcwele esisatshwayo eNdwebu, okuyindawo ewumakhelwane neHlokozi.
Umthombo weSolezwe ulipotshozele ukuthi owesilisa obalekile yisihlobo okuthiwa sifunwa uthuli ngokusocongwa kwabakwaKhambule.
Uveze ukuthi kunohide lwezingxabano nezigememe ezidida ikhanda emndenini.
“Konke okwenzeka manje kusuka esigamekweni sokufa kukababa wekhaya, uPro Khambule, okuthiwa igazi lakhe lakhonjwa esihlotsheni sakhe senyama kodwa esagcina singaboshwanga,” kusho umthombo.
Kuvela ukuthi kwake kwaba khona nokugagazisana ngezibhamu kwaze kwadutshulwana uyise wekhaya waphetha ngokushona esibhedlela.
Kuthiwa kwathalaliseka ngaleso sigameko, kwabaningi okwathatheka ngokuthi uKhambule (owayengusomatekisi) uhlaselwe ngabantu abangaziwa.
Umthombo uveze ukuthi lelo gqubu kalizange liphele emndenini njengoba sekulokhu kunezivuvaba ezingaqondakali ezidla ekhaya. Kwenzeka imbedumehlwana ngenyanga edlule nje, abaziyo bathi kuqhubeka lona ukhondolo lokubulalana ngesibhamu kwezihlobo.
Kulolu chungechunge kuze kwachaphazeleka nengoduso yomunye wakuleli khaya. Ababekhona emngcwabeni wengoduso kuthiwa umyeni wafunga wathi uzoziphindiselela kubenzi bokubi ngoba uyabazi.
Kufa laba abayisikhombisa nje, kwakungakapholi maseko kade kuphume lezo zinsongo emngcwabeni.
Ezinsukwini zesigameko sokubulawa kwabayisikhombisa kunendodana ebisanda kuboshwa ngecala lezibhamu. Le ndodana kuthiwa yaphuma ngebheyili sekusondele umngcwabo wabayisikhombisa. Emuva komngcwabo yabe isiyanyamalala.
Esigamekweni sokudubulana kwabasolwa namaphoyisa ngoLwesibili, ubunini bemoto abebehamba ngayo bukhonjwa esihlotsheni esiseduze salo mndeni nosekuvela ukuthi yiso lesi esibaleke ngezinyawo ngesikhathi bedubulana namaphoyisa.
Kuthintwa isihlobo, uNksz Dudu Khambule, sithe yize bazi ukuthi uyise wabulawa kodwa abakaze batshelwe kabanzi ngesigameko njengoba senzeka besebancane.
Uthe ngeke aphawule kangako ngezinye izigameko okuthiwa zenzeke kubo njengoba zenzeke yena esagana, esezihlalela kwakhe.
Uthe bebengakaziswa ngokudutshulwa kwabasolwa ngamaphoyisa.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, wale waphetha ukuqinisekisa ukuthi umsolwa ohamba phambili esibhicongweni sakwaKhambule uyisihlobo.
“Kithina singamaphoyisa umsolwa ngumsolwa, ubuhlobo abusho lutho,” kusho uNetshiunda othe uma ebuzwa ngomnikazi wemoto ebihamba abasolwa, wathi “isesithombeni esisikhiphile”.