USEYIBEKE ezithebeni zomphakathi ukuthi uzinqumele wona ukuthi uqhubeke noma uyeke ukuthenga kuma-spaza shop angabhalisiwe nomasipala, adayisa nokudla okonakele.
UNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uxwayise abantu bakuleli ukuthi uma befuna kwenzeke umnyakazo ngalezi zitolo kumele bazidube, bangathengi kuzona.
Uthe uhulumeni yedwa ngeke akwazi ukuyinqoba le mpi uma kungukuthi abantu bakuleli bayaqhubeka nokuthenga kulezi zitolo.
“Ziyaziwa lezi zitolo, zisemphakathini yethu. Kulele kubantu ukuthi bafuqe impi yokuqeda ngazo ngokuthi bangathengi kuzona. Asikwazi ukukhala kuhulumeni ekubeni thina sihleli singenzi lutho,” kusho uNksz Ntshavheni.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma nabezindaba ngemuva komhlangano weKhabhinethi, wathi bakhathazekile ngale nkinga kodwa bashiyele kubantu.
Usho lokhu kunemvunge ngezinye zezitolo ezisemphakathini ezidayisa ukudla okonakele okugulisayo, kwesinye isikhathi kuze kukhiphe nezidumbu.
UNksz Ntshavheni uthe abanye balezi zitolo akwaziwa nokuthi izinto abazidayisayo bazithengaphi.
“Abanye bazenzela bona lokhu kudla lapho bedayisela khona. Abantu kumele bafune ukubona izitifiketi eziveza ukuthi zibhaliswe kuphi lezi zitolo ngaphambi kokuthenga kuzona.”
Ubalule ukuthi abantu bakuleli yibona ababhikishela uhulumeni ngesikhathi ezama ukuvala ezinye zalezi zitolo ngakho nabo kumele bazigxeke ngokwenzekayo.
“Sikhuluma nje kunesinqumo senkantolo esivumela abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho ukuthi badayise kuleli. Umthetho wakuleli uthi uma ungowokufika kuleli ufuna ukuvula ibhizinisi kumele kube ngukuthi utshale imali engekho ngaphansi kukaR5 million. Siyazi ukuthi lezi zitolo azibizi leyo mali ngoba abanye babo bazivula nangoR1 000. Yingakho kumele sinqume ukuthi ngabe impilo yezingane zethu ibalulekile noma siqhubeke nokuthenga izinto eziwumkokotelo.”
Uthe izinhlaka ezehlukene zikahulumeni ziyaqhubeka nokuhlola ukuthi lezi zitolo zibhalisiwe na.
“Abokufika okuyotholakala ukuthi bakuleli ngokungemthetho bayobuyiselwa emazweni abo. Uyaqhubeka umkhankaso ezindaweni ezehlukene zokukhuculula abokufika abakuleli ngokungemthetho.”
Ube esenxusa umphakathi ukuthi usebenzise amanzi ngokucophelela njengoba eshoda ezweni.
“Amanzi ayashoda ngakho kudingeka siwonge. Sinxusa abahlali baseGoli naKwaZulu-Natal ukuthi bayilandele imiyalelo ebekiwe yokusebenzisa amanzi.”
Uthe iKhabhinethi ifisele okuhle kodwa abafundi bakwa-matric abazoqala izivivinyo zabo ngasekupheleni kwale nyanga.
Ube esenxusa abazali ukuthi banike ithuba izingane ezizobhala.
Uveze nokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzovakashela eMgababa ngenyanga ezayo ngaphansi kohlelo lokuthuthukisa izifunda.
Uzobe esezinkundleni zemidlalo eMnini ngoNovemba 8.