SISHAQISE abaningi isigameko sokugwazwa kubulawe isisebenzi sesilisa ebhange lakwaCapitec, Empangeni, ngoLwesithathu, okuthiwa sigwazwe yikhasimende.
Kulesi sigameko kushone uMnuz Siyabonga Paul Mazibuko (30) okuvele ukuthi ungowokuzalwa eNgwelezane, khona Empangeni.
Ngokomthombo, umsolwa ubuye walimaza esinye isisebenzi sesifazane (26) okubikwa ukuthi sisalaliswe esibhedlela iMpangeni Garden Clinic.
Uchaza ngesigameko umthombo, udalule ukuthi bekuyizithuba zango-12.30 emini ngesikhathi isisebenzi zihilizisana nekhasimende ebelingafuni ukuma ulayini omude.
"Besifuna ukujomba, siyothola usizo phambili kwi-ATM yaleli bhange esenxanxatheleni yezitolo, i-OK Centre. Leli khasimende lihambile emva kwale ngxabano," kusho umthombo.
Uthe isisebenzi sihambe saya ngaphakathi ebhange ukuyobika osekwenzekile kumenenja webhange.
"Ngesikhathi sisematasa sichaza, liphinde labuya ikhasimende, seliphethe ummese esandleni, laphinde laxabana naso. Bekusaqhubeka ingxabano ngesikhathi umsolwa evele egwaza isisebenzi sesifazane," kubeka umthombo.
Uthe lona wesifazane ugwazwe ezansi kwesilevu.
Uqhube wathi ikhasimende liqhubekile nokuxabana nomufi, limgwaza emhlane nasentanyeni.
"Umufi uhlonzwe njengosephangalele endaweni yesehlakalo emva kokuxilongwa abezimo eziphuthumayo," kusho umthombo.
Uqhube wathi owesifazane uphuthunyiswe emtholampilo kwathi onogada benxanxathela yezitolo bambamba umsolwa, waboshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMpangeni avule icala lokubulala nelokuhlasela ngenhloso yokulimaza emva kokugwazwa kubulawe isisebenzi (30), nokulinyazwa kwesinye (26) ngendlela efanayo.
"Isigameko senzeke ngaphakathi ebhange ngezikhathi zasemini. Kubikwa ukuthi isisebenzi sesilisa besizama ukuxazulula isimo ngesikhathi ikhasimende lingenela kulayini we-ATM. Ikhasimende lishaye sengathi liyahamba kodwa labuya selihlome ngommese, laphinde laxabana nabagilwa, labagwaza, kwafa oyedwa, omunye walimala," kusho uNetshiunda.