USADIDEKILE ngembangela yokuhlasela umndeni wowesilisa odutshulwe wabulawa nesinqandamathe sakhe eVaalkop, eMnambithi ngoLwesibili.
UMnuz Mfanafuthi (33) wase-Uitvaal kuthiwa uhlaselwe ehamba noNksz Dlamini, igama lakhe elingatholakalanga ngezikhathi zasebusuku.
Isihlobo, uMnuz Andile Sidika, sithe noma bengenalo ulwazi olugcwele ngesigameko kodwa bathole ukuthi bahlaselwe abasolwa ebebehamba ngemoto engaziwa.
“Kuthiwa bebesuka eshisanyama engaqhelile kangako nasekhaya lapho bebehleli khona bezosela inyama, behamba nomngani wabo. Kuthiwa basuke khona ngabo-8 ebusuku sebelibangise ekhaya nokuyilapho behlaselwe khona,” kusho uSidika.
Uthe bathole ukuthi kuvele kwaqhamuka imoto eyi-double cab, evulele ngenhlamvu ibhekise kubona, kwashona izithandani, kwalimala umngani.
Uthe abafi bafele khona emotweni, kwathi umngani odubuleke ezindaweni ezibucayi, waphuthuyniswa esibhedlela.
“Esingakuqondi ukuthi ibisukaphi le moto, noma abebehamba ngayo bebevele bebalandela kusukela besahleli eshisanyama, asazi,” kusho uSidika.
Isolezwe lithole ukuthi uNksz Dlamini ubenguthisha esikoleni sendawo iNtandoyesizwe High.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseKuvukeni aphenya amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kwabagilwa abasolwa abangaziwa.
Uthe imibiko iveza ukuthi abagilwa bebehamba ngemoto emgwaqweni uHelpmekaar eVaalkop ngoLwesibili ngesikhathi behlaselwa abantu abangaziwa.
“Bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kubo, babulala owesifazane (28) nowesilisa (33), balimaza umgilwa wesithathu ophuthunyiswe esibhedlela,” kusho uNetshiunda, othe imbangela yokudubula ayikaziwa.