OWAYEYIMBONGI yowayemengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, udle umhlanganiso emunxeni wezinkondlo zesiZulu kwi-2022 Avbob Poetry Competition ebisePretoria Country Club ngoLwesithathu.
UNomkelemane Langa, obengumethuli woGubhu Lwami kwi-1KZN TV, uqwaqwade izimbongi ngenkondlo yakhe esihloko sithi Mhla Lishona Ilanga, kwathi umsakazi woKhozi FM, uBongani Mavuso, waphuma isibili ngethi Insika Yethonga. UHappy Mbalenhle Mchunu uphume isithathu ngenkondlo ethi Waguqa Umngamanzi, uKwandile Hadebe waphuma isine ngethi Ingonyama Yokufa. UMelusi Mvelase ungene isihlanu ngenkondlo ethi Leyomvunge Yezinyembezi. Isithupha siphunywe wuSifiso Mkhize ngethi UShona Ferguson. UNomkelemane uthe
Okumjabulisa wukuthi ubeqokwe ngenkondlo ayiloba ngokudlula emhlabeni kukayise, uMnuz Mdadazi kaMlazana.
"Uvele ubaba waba lithongo elihle. Kumanje sekuyoba semlandweni ukulila kwami ngoNgidli gadla Saf'isiphongwana." Esephetha uNomkelemane ubonge wanconcoza kuSizwe Mkhize, Sizwe Mabaso nakuSiyabonga Nxumalo ngokumkhuthaza ukuba angenele umncintiswano nasemalungwini eNtambanana Reading and Writing Club.
UBongani Mavuso uthe inkondlo aqokwe ngayo wayibhala ehlonipha idlozi lakhe ngokumvikela ngaso sonke isikhathi. "Kuyinamuhla ngiyaphila ngenxa yethongo lami," kuphetha uBongani owethula izinhlelo zezindaba oKhozini.
Ekhuluma emcimbini, uCarl van der Riet, uchaze ubunkondlo njengokubuciko bokukhuluma ngqo nenhliziyo.
"Sinothe ngobugugu bobunkondlo eNingizimu Afrika. Njengoba sigubha uSuku lwamaGugu ngomhla ka-24 Septhemba, ngithanda ukukhuthaza thina sonke ukuba sikhumbule le ngxenye yamagugu ethu eyithemba nenkuthazo kubantu," kusho uVan der Riet oyisikhulu sakwa-Avbob.
UNomkelemane nabanye abanqobile ngaphansi kwezinye zezilimi zakuleli bazothola isamba sikaR10 000 ongukheshi (umuntu ngamunye), ivawusha yokuthenga izincwadi kaR2500 nendebe. Isitatanyiswa ebesihambele umcimbi sibuyele ekhaya nencwadi yeqoqo lezinkondlo ezawina esihloko sithi I Wish I'd Said...Vol.5, nayo ethulwe emcimbini.
Esephetha uVan Der Riet uthe inhloso ngomqhudelwano wukweseka izilimi ezikhulunywa kuleli. "Ngakho abahleli bayagqugquzelwa ukuthi u-65% wazo zonke izinkondlo kube ngezilotshwe ngezilimi zendabuko zakuleli.