UMCULI wowokholo uBabo Ngcobo ugxeke abafundisi namakholwa abasebenzisa abelaphi bendabuko maqede baphike ukuthi bayabasebenzisa.
Lokhu ukusho ngesikhathi enandisa emcimbini obubophele abeculi abehlukene emzini womelaphi wendabuko uZamokwakhe 'King Bhaka' Nzama ngoMgqibelo.
Uthe yena ngeke akufihle ukuthi uze kuKing Bhaka ukuzolashwa njengabo bonke abantu abebegcwele khona.
'Ngiyazi ukuthi njengoba ngisho kanje kukhona abazongehlulela. Anginamsebenzi nalokho. Iqiniso ukuthi uma umuntu enamandla akumele simncome emakhoneni sibe sisizakala kuyena. Ukwelashwa ngokwesintu yinto yethu, asikwazi ukubalekela izinto zethu sihambe nezinto zabezizwe. Abantu bayaxaka nje ngokusaba ngezinto zabo. Uthole ukuthi umuntu uza kumelaphi wendabuko ebusuku kuthi emini kube sengathi akahambi kubelaphi. Nami njengoba ngila ngize kuKing Bhaka njengomelaphi ngizofuna usizo lolu nani eniludingayo. Akumele sidle amandla omuntu uma ephiwe wona. Unamandla uKing Bhaka, " kusho uBabo.
Ubekusho lokhu maqede wathi ucela ukushaya ingoma yokugcina ukuze naye ayoguqa kuKing Bhaka athole usizo aluzele. Bekuvele kuchwaze abantu befuna aqhubeke. Ugcine eseshaye inqwaba yezingoma elokhu ecelwa abantu ukuthi akaqhubeke.
UKing Bhaka uthe uma egibela esteji, wathi emalini yokucula abebevumelene ngayo noBabo uzoyengeza ngohhafu wayo ngokumela iqiniso. Uthe abantu abasalikhulumi iqiniso.
Omunye oshaye into ecokeme ephethe uhlelo kulo mcimbi uMthunzi 'Mali Yesoso' Xulu. Kuphinde kwacaca ukuthi umuzi kaKing Bhaka usukulungele ukusingatha noma yiluphi uhlobo lomcimbi njengoba bekugcwele kunyiyitheka nabaculi besina bededelana. Kwabanye abaculi abebenandisa kubalwa iMalini, uSgwili, abaculi bakamaskandi uQhosha noLagxabha nabanye abashiye abantu bechazekile. Kulo mcimbi ebekungenwa kuwona ngo-R300, amathikithi adayiswe aphela, kukhona nawezicukuthwane ebezize ngesimemo. Kuphinde kwenzeka okungajwayelekile ukuthi bonke abeze emcimbini benzelwe ukudla okuyinto evamise ukuthi ibonakale kwabayizicukuthwane kuphela emicimbini eminingi.