ISIHLABANI somculo wokholo sithi kube wubizo ukungena emculweni okuze kwaphoqeleka ukuthi sishiye nomsebenzi ebesiqashwe kuwona ngokugcwele kwaMercedes-Benz.
USibusiso Nzima ohlabane ngezindondo ezine emiklomelweni yezindondo nyakenye, usanda kukhipha iculo apike kulona iHhashi Elimhlophe.
Uthe yize ebesehlonishwa eNingizimu Afrika ngokwenza kahle kwaMercedes-Benz ngokudayisa izimoto, kodwa umculo wokholo uthe wenza wathatha isinqumo sokuthi akhethe wona.
“Ngiqale emculweni siseyiqembu elalibizwa ngeZinceku ngo-2009. Kulona saduma ngengoma ethi: Qhubeka. Ngaleso sikhathi bengivele ngisebenza. Ngigcine ngithathe isinqumo sokuphuma ngizimele, ngafike ngavusa kabusha iculo iQhubeka ngo-2018. Sengilicula ngihamba ngedwa libe kwahambe phambili. Ngiphinde ngakhipha iNgihamba NoJesu ngo-2020, nayo eyenze kahle. Ngo-2022 ngikhiphe i-albhamu egcwele iJesus Exalted, okuyiyona okuphume kuyona izingoma ezingenze nganqoba emiklomelweni yezindondo nyakenye,” usho kanje.
Nyakenye uSibusiso uhlabane ngendondo yeBest Newcomer kuma-SABC Crown Gospel Awards, wahlabana ngezimbili kwiMpumalanga Gospel Music Awards: Mgoma neyodwa kwiMulti Gospel Awards.
Eculweni lakamuva asanda kulikhipha iHold On, uthe yilona apike kulona iHhashi Elimhlophe.
Uthe ngoJuni 16 uzobe eqopha bukhoma okokuqala eGrace Bible Church, ePimville, eGoli. Uveze ukuthi ngokuqopha bukhoma kuleli bandla uhlose ukunikela ebandleni nasentsheni elandela umculo wakhe njengoba ethe naye ukhonza kulona leli bandla.
“Sekunesikhathi ngisemculweni kodwa bengingakaze ngiwusondeze entsheni umculo wami kanti baningi abawulandelayo. Ngokuwuyisa ebandleni engikhonza kulona inhloso ukujabulisa lona kanti nemali engizoyenza ngekhonsathi ngizonikela ngayo kulona ibandla. Mina ngizohlomula ngokudayisa ivideo engizoyiqopha,” kuqhuba yena.
Ngaphandle kokuba wumculi, uSibusiso uphinde abe ngusomabhizinisi njengoba enamaloli athutha amalahle.
KwaMercedes-Benz uthe wahlonishwa ngezindondo waze wavakashiswa eGermany ngenxa yokwenza kahle. Uthe le nkampani iyona eyamakha yingakho engahambanga kabi kodwa kwaba yisinqumo asithatha ngoba esefuna ukugxila emculweni nasebhizinisini.