OWAZAKHELA udumo ecula ikwaito ezifihle ubuso, uthi ubonga uNkulunkulu omsindise esihogweni njengoba esengumculi wokholo.
UJamela Vuma owayezibiza ngoSgonondo, esacula ikwaito, uthi ngezikhathi aduma ngazo enguSgonondo wayephila impilo yeSodomo neGomora.
“Ngaleso sikhathi bebengekho abantu abakululeka kahle ngempilo. Kwakumnandi nodumo lulokhu lungilandele. Ngagcina sengidla izidakamizwa notshwala kanti namantombazane ayeziwela, ngingaboni ukuthi ngisesihogweni. Okwakwenza izinto zibe lula kakhulu ukuthi nemali yayingena ngempela, konke ngikubona kuhamba kahle kanti ngiyalimala.
“Ngenhlanhla ngikwazile ukuthola uNkulunkulu kuwona lowo mnyama. Kuphoqeleke ukuthi ngiqale ngizihlole kahle bese ngizibuza ukuthi ngifunani empilweni. Kulapho ngibone khona ukuthi akuyona impilo engiyifunayo le,” kusho uJamela.
Ngesikhathi esenguSgonondo wayedume ngezingoma ezithi: AmaDragon, Enza Sho, Asidakiwe, Anaconda, Ekhulukuthu nezinye. Wagqama ngesikhathi sikaMzekezeke kwaze kwaba sengathi uyimbangi yakhe njengoba naye wayecula ezifihle ubuso njengoMzekezeke.
Kubantu wayeziveza njengomuntu odonsayo ejele olandelwa ukuthi azoqopha noma anandise emcimbini bese ephindela ezitokisini. Echaza uthe kwakuyindlela yokuzifihla njengoba wayeziphrojusa yena kanti uma engaculi wayevela kubantu njengoJamela onguPhrojusa kaSgonondo.
Manje usecula umculo wokholo futhi uqokwa nasemiklomelweni yezindondo yaseMelika. Ungaphansi kwebandla i-AFM Impact Christian Centre.
Usanda kukhipha i-albhamu yomculo wokholo esihloko esithi Injongo. Kuyona upike abanye abaculi abahlonishwyo emculweni okungoZaza, Nkanyiso Bhengu, Tumi Masemola, Robbin Rose noSwanky Luciano. Uthe kukhona nendodakazi yakhe. Emculweni wokholo ubizwa ngoJRoss. Uphinde abe namakhonsathi aminyaka yonke abizwa ngeJRoss Kasi Worship. Eyalo nyaka uthe izoba seSoweto Theatre maduze.
Ngaphandle komculo, uJamela ungumhleli womculo emidlalweni yeBlack Brain Pictures okukhona kuyona iDiepcity, Lockdown, Black Door esiyiSitha manje neSiphetho: Destiny kwi-e.tv. Khona usebenza ngokubambisana noMandla N ongumnikazi wale nkampani yemidlalo yethelevishini. Abanye athe bakhona njengabahleli bomculo uyena uMandla N noBongo Riot.
Uthe okwenza ahlonishwe nasekuqondiseni umculo ukuthi waphekwa yizinkakha zawo okungoChicco Twala no-Arthur Mofokate kanti wake wasebenzisana noBrenda Fassie. Abaculi ayedume nabo kukhona o-Ishmael noZola 7 nabanye.
Ikhasi likaSgonondo uthe uselivalile empilweni yakhe njengoba esaziwa ngoJRoss ongumculi wokholo.