IKHALA ngokungaqhubeki nokuqoshwa kwamanye amasizini akhombisa ngempilo ephilwa ngabelaphi bendabuko, inyanga yaseMthunzini, uSabelo Sifundza, ozakhele igama ohlelweni lweMzansi Magic, oluthi Izangoma Zodumo.
USabelo odume ngelikaMkhulu uSifundza, ukusho lokhu nje usejoyine umsakazo Igagasi FM lapho engomunye wabelaphi bendabuko abazwakala ohlelweni lukaAlex Mthiyane, oluthi Indaba Yesintu, olungena njalo ngoLwesithathu phakathi kuka-6 no-8, ebusuku.
Kulolu hlelo basuke bebheka izinto ezihlukene ezithinta isintu futhi bephendula imibuzo yabalaleli ngesihloko esibhekwa kulelo sonto.
“Ngiwumuntu othanda kakhulu ukuthi abantu bazi ngesiko labo nezinto ezithinta abelaphi bendabuko. Ngakho kwasho lukhulu kimina nomkami ngesikhathi sithola ithuba lokuvela ngesizini yesibili yohlelo Izangoma Zodumo, sisazazisa kubantu. Benginezinto eziningi ebengifuna ukuziveza kulolu hlelo kodwa ukungaqhubeki siqophe kulona kungilahlisa ithemba lokuthi lusazoqhubeka njengoba benginomgodla ebengifuna abantu bawazi ngathi, nokuthi sisebenza ngezindlela ezinjani njengoba sikulo mkhakha futhi sangena ngezindlela ezehlukene,” kusho uMkhulu uSifundza.
Uthe ukuthola ithuba emsakazweni Igagasi FM, nakho kumjabulisile njengoba ezoqhubeka enze akufisayo.
“Ngiyanxusa ukuthi abantu baqhubeke nokulalela lolu hlelo, futhi ngiyabonga kakhulu emsakazweni ngokungipha ithuba. Kuningi engizokuveza njengoba thina belaphi bendabuko sizitshwa ezintweni eziningi. Kodwa uma imisakazo neziteshi zethelevishini zisinika ithuba kumele silithathe ngezandla zombili silisebenzise,” kusho yena.
Uthe izinhlelo ezikhuluma ngezinyanga nokwelapha ziyadingeka kwithelevishini futhi angajabula uma kungasungulwa olunye uhlelo.