UMLINGISI wodumo kuZalo neThe Queen, uThabsile Zikhali, ukholelwa ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla, ukuzibophezela nokubekezela yikho okumphumelelisayo.
UThabsile (29), waKwaMashu, ukhulume kanje emuva kokuqokwa emkhakheni womlingisi ovelele kumaShinning Star Africa Awards lapho emele khona iNingizimu Afrika.
Uthe ujabule kakhulu ngokubungazwa esadla anhlamvana. "Sengiqokwe ngaphandle kwaseNingizimu Afrika isikhathi esiningi futhi kuyangijabulisa ukubona izwe lami lihlonipha ukusebenza kwami kanzima."
UThabsile uthe engathanda ukuba abantu bakuleli bamsekele ngokumvotela ukuze abuye nawo lo mklomelo omfanele.
Uthe ngaphandle kokuqokwa kulo mqhudelwano njengamanje, umatasatasa neminye imidlalo ezokhonjiswa kwiShowmax nakwiNetflix.
"Kolunye uhlangothi, ngimatasatasa, ngilungiselela ukwethula okuthize okungokwami. Ngingena nakumabhizinisi engingakafisi ukuwadalula. Okusemqoka kakhulu ukuthi ngisetshenziswa wuNkulunkulu ukusiza abantu besifazane ukufeza izinjongo zabo emhlabeni jikelele.
UThabsile waziwa kakhulu ngokulingisa indawo kaDetective Biyela kuZalo nekaVivian kuThe Queen. Ubuye walingisa kwiBlack Door nakwiRockville.
Uqokwe emiqhudelwaneni eminingi esezingeni lase-Afrika kodwa wahlabana ngeyeBest Actress emncintiswaneni owawuseNigeria.