ABUYE ngezinkani ngaphakathi e-Albert Park, amaphara okuthe emasontweni edlule, asuswa esidlekeni sawo esingaphansi kwebhuloho u-M4, eThekwini.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu Natal, uMnuz Thami Ntuli nezinhlaka ezahlukene zamaphoyisa, aboMnyango wezeMpilo, owezokuHlunyeleliswa kweziMilo nowezokuPhepha koMphakathi eKZN, bagasela kule ndawo kungazelele muntu, bashisa izakhiwo zamaphara, bawashaqa, kwasala kuhlanzekile.
Izolo, Isolezwe lihambele kule ndawo lafica amaphara esethutheleke ngaphakathi epaki. Kuyona le paki kubonakala sengathi sekukhala isicathulo sawo.
Ngaphesheya kwayo, bekukhona amaphoyisa aphithizelayo okubonakala sengathi aqaphe konke okwenzekayo.
Kuyona le paki kukhona nabantu abasuke bezivocavoca.
Njengoba izulu bese liqala ukuna, amanye abehlezi enkundleni yezemidlalo lapho okuhlala khona abazobukela kudlalwa. Bekukhona umdlalo obuqhubeka ngaphakathi enkundleni yebhola.
Kodwa amaphara bekubonakala ukuthi azihlalele nje lapho okuhlala khona izihlwele, awanendaba nebhola ebelidlalwa.
Kunalokho, kukhona abebonakala ebhema, amanye epheka.
Eduze kwale ndawo, kukhona nesiteshi samaphoyisa kaMasipala weTheku obekukhona kuso amaphoyisa.
Ikhansela lakuWard 32 eThekwini, uMnuz Protas Mngonyama, lizwakalise okukhulu ukukhathazeka ngokuthi amaphara asevele azogweva nepaki.
Uthe abantu manje sebeyesaba ukusebenzisa le paki ngenxa yokuthi sekugcwele amaphara.
"Angifuni ukuqamba amanga, ingiphethe kabi kakhulu le nto yokuthi ipaki into abantu abayithanda kangaka isivele yaphenduka isizinda samaphara,'' usho kanje uMngonyama.
Uthe yena wayecabanga ukuthi kukhona lapho azoyiswa khona kanti akunjalo.
Uthe uyazi ukuthi laba ababesusa amaphara babethi bayalungisa, wathi kodwa njengamanje kubonakala sengathi sekuvele konokala kakhulu kunasekuqaleni.
UNtuli waveza ukuthi bahlela ukuwatholela indawo azohlala kuyona. Kodwa wakuveza ukuthi bazimisele ngokuwasiza lawo maphara azimisele ngokuthi athole usizo.
Isizathu sokugasela kwabo kule ndawo wathi yingoba bahlose ukuqinisekisa ukuthi idolobha iTheku liba sesimweni esamukelekile nesibonakala siheha kakhulu izivakashi.
Ngaphambilini zadilizwa zokhelwa ngomlilo izakhiwo awasezakhile ehlala kuzo, kodwa manje aseqale phansi akha ezinye izakhiwo ngoplastiki nangoseyili.
Uma udlula kule ndawo ukhangwa yinqwaba yawo eyaluza. Amanye aneke izingubo zokugqoka ocingweni lokubiya.
Lawa maphaqa asebuye nje, uyaqhubeka umkhankaso kaNtuli wokuzama ukukhuculula iTheku, njengoba izolo ubekade esenkabeni yeTheku namaphoyisa, bengena ezitolo bebheka abaqashe abokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli.
Kulo mkhankaso kuboshwe abokufika abangu-30. UNtuli ube esekhipha isexwayiso esishubile njengoba kubhekwe emaholidini okuphela konyaka.
"IKwaZulu Natal ayisona isidleke sezigebengu futhi amaphoyisa azokwenza konke okusemandleni ukunqanda izenzo zobulelesi,'' usho kanje.
Inhloko yezokuXhumana kuHulumeni, uMnuz Bongani Gina, ithe bazoyilwa indaba yalawa maphara kuyoze kugcine bona.
"UNdunankulu uzophinde abuyele kuleya ndawo. Angeke kuze kugcine wona. Azoze azi ukuthi akusiyona indawo yawo yokuhlala,'' usho kanje.
Uthe abazoqhubeka badayise izidakamizwa emaphareni bazolutheza olunenkume njengoba uNdunankulu efuna ukuqeda ngalesiya sidleke.