OPHETHE isikhundla sokuba wumqondisi wosomaqhinga kwiSouth African Football Association (Safa), uWalter Steenbok, uveze ukuthi uxolisile kuMabhuti Khenyeza nakuVusumuzi Vilakazi ngokuphuma nabo iqhubu, abasole ngokuba abaqeqeshi abangenazo izicucu ezidingekayo.
Ngonyaka odlule uSteenbok wamemezela ukuthi zonke izinhloko zabaqeqeshi kwiPremier Soccer League (PSL) kumele zibe noCaf A Licence, amaphini ashaye ngoCaf B. Kwi-ABC Motsepe League kwathiwa abaqeqeshi kumele babe noCaf C Licence. Kulesi simemezelo lesi sikhulu saphuma iqhubu noKhenyeza noVilakazi owayengomunye wabaqeqeshi beLamontville Golden Arrows ngaleso sikhathi. Abanye kwaba uMusa Nyatama owayecija iMoroka Swallows noMorgan Mammila owayekwiChippa United.
"Uma unomqeqeshi ofana noMusa Nyatama onoCaf C Licence noma uMorgan Mammila njengosomaqhinga, kusho ukuthi abadlali bazicabangela ngokwabo.
"Uma uya kwi-Arrows abaqeqeshi bayo ababili abanazicucu. Uma kunjalo kungani silindela abadlali bethu ukuthi baye e-Europe," wacashunwa esho kanje uSteenbok.
NgoLwesibili ubeseThekwini ehambele umcimbi obekunikwa kuwo abaqeqeshi abawu-25 izitifiketi zokuphothula uCaf B Licence. Phakathi kwalaba bekukhona noKhenyeza. Ngemuva komcimbi uSteenbok uze wacela ukuthatha isithombe nalo mqeqeshi.
Lesi sikhulu sitshele abezindaba ukuthi asibambelene gqubu noKhenyeza noVilakazi.
"Ngabafonela uKanu (Vilakazi) noBhubesi (Mabhuti). Ngathi kubo ‘bafwethu mhlawumbe engikushilo kuphume kabi’. Ngabachazela ukuthi bengiqonde ukuthi asenze isiqiniseko sokuthi bathola iziqu ezisezingeni eliphezulu. Ngangisho lokhu ngoba nakhu besebancane kodwa sebenze omkhulu umsebenzi. Nakuba uKanu engekho lapha kodwa naye unawo uCaf B Licence. NgoDisemba bobabili bazobe benza uCaf A," kubeka uSteenbok.
Ngemuva kwenkulumo kaSteenbok yasekuqaleni konyaka, kwacashunwa uKhenyeza ethi amaphepha akuwona aqeqeshayo.
"Ngesingami awukho umehluko otheni phakathi kwabaqeqeshi abafunde bagogoda nalabo abangenawo amaphepha. Ngalokhu angiqondile ukugqugquzela abaqeqeshi ukuthi bangaluthuthukisi ulwazi lwabo," wacashunywa kanje uKhenyeza.
Isolezwe limkhumbuza la mazwi ukuphikile ukuthi wake wawasho.
"Ngesikhathi iSafa iqhamuka nomthetho ophoqa iziqu ngase nginawo uSafa C noD Licence. Angizikhumbuli ngiphikisana nalokhu," kubeka uKhenyeza. Ugqugquzele abanye abaqeqeshi ukuqhubeka nokwenza izifundo zokuqeqesha.
"Zibaluleke kakhulu lezi zifundo. Ngifunde kuzo ulwazi oluningi oluzosiza mina nekilabhu yami. Ukwanda kwabaqeqeshi abanale ziqu kuzolikhulisa ibhola lethu," kusho uKhenyeza.