Magesi FC (1) 2
Kaizer Chiefs (0) 2
UNXUSE iPremier Soccer League (PSL) ukuba isheshise indaba ye-video assistant referee (VAR) umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, kulandela ukubambana ngo 2-2 kwezakhe neMagesi FC koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eMbombela Stadium.
Emuva komdlalo uNabi ukhale ngokuncishwa iphenathi ngasekupheleni komdlalo.
Iningi labalandeli beChiefs belingakahlali phansi ngesikhathi uWonderboy Makhubu eshaya igoli lokuqala leMagesi. U-Edmore Chirambandare ushaye elesibili esiwombeni sesibili.
Kuyithathe imizuzu emibili ngonyawo lukaMduduzi Shabalala ukuthi iChiefs ibuyele emdlalweni esiwombeni sesibili.
“Inkinga yethu isobala kodwa okufanele i-PSL ikufakele izibuko ukusheshisa indaba ye-VAR ngoba sekuyiyona yodwa eshodayo ukuthi iligi iphelele,” kusho uNabi kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
“Osekucacile ukuthi luyadingeka usizo lwe-VAR kodwa iqiniso eliphelele ukuthi siyeke inqwaba yamathuba okuqeda ngomdlalo kusakhanya,” kubalisa yena.
IChiefs eqale umdlalo ngemvula yamaphasi iphaphame isilandela ngemuva kulandela igoli uMakhubu alingqofele enethini ngomzuzu wesithupha.
Yize iChiefs ibisilandela kodwa iminyakazo kaMfundo Vilakazi ibisobala njengoba ebefika kulandelana ezintini zika-Elvis Chipezeze obevimbele iMagesi.
Ukungqongqoza kwaMakhosi ephindelela akuzange kuwasize kwaze kwayiwa ekhefini.
Ngaphambi komdlalo uNabi ubalule ubumqoka bokubuyela emgqigqweni abaqale ngawo isizini. IChiefs ibifike kulo mdlalo iphuma endukwini ka 1-0 yeSuperSport United ngempelasonto edlule.
UClinton Larsen opheka iMagesi ngaphambi komdlalo uthe uthembele kubadlali bakhe ukuxina iChiefs ngoba bengekho o-Edson Castillo olimele noMiguel Inacio obesesigwebeni samakhadi.
Kucacile ukuthi bayadingeka abadlali uNabi abezama ukubongela umdlalo weCarling Knockout neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo yingakho kungazange kwethuse ukungena kukaGaston Sirino no-Ashley du Preez endaweni kaRanga Chivaviro noNkosingiphile Ngcobo zibuya kwesesibili.
Kungene noHappy Mashiane, Samkelo Zwane noDuba kwazise isikhathi besilokhu sihambe njalo.
Njengasesiwombeni sokuqala kube yiMagesi eshaya igoli lesibili nge-freekick kaChirambandare ngomzuzu ka-72.
UShabalala ube esephendula ngamagoli amabili asheshayo kwachwaza inkundla ngoka-77 noka-78.