SIBONGE ummeli sathi sizozimela sona enkantolo isiboshwa esidonsa udilikajele esisolwa ngokuba wungqondongqondo ekwakheni itulo lokuqothwa kwabantu abangu-18 eNgobozana, eLusikisiki.
UMzukisi Ndamase (46) uvele eNkantolo yeMantshi yaseLusikisiki ngoLwesine ekuseni.
Yena nabanye abayisithupha babhekene namacala okubulala angu-18 nawokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Bekuqiniswe ezokuphepha engena enkantolo uNdamase, efake i-ovaroli ebomvu efaswe wakinatelwa ngozankosi nangamaketango izandla nemilenze kwahlanganiswa.
Bekunzima nokuzisula umjuluko ngenxa yendlela abekinatelwe ngayo, enyakanyakaza egebisela ikhanda emaceleni futhi ebumbe umlomo.
Inkantolo ibigcwele izihlobo zabagilwa nabantu abebezozeseka.
UMbuso usola uNdamase ngokwakhaa itulo esejele abekade evalelwe kulona eMthatha njengoba esesusiwe wayovalelwa kwelaseBhongweni, eKokstad KwaZulu-Natal.
Umshushisi uthe kushoda ubufakazi bamarekhodi asemabhange akhombisa ukuthi kwakukhokhelwana kanjani imali.
Kusukela ngo-2007, uNdamase udonsa isigwebo sikadilikajele neminyaka engu-15 ngaphezulu ngecala lokubulala nelokuphanga.
Utshele inkantolo ukuthi okwamanje uyayibonga ibheyili ngoba vele usejele ngakho akuzokwenza mehluko ukucela ukuba adedelwe.
Uphikisane nemantshi ebone ubucayi bamacala athweswe wona yathi akatholelwe ummeli wamahhala kodwa yena wathi usebenzisa ilungelo lakhe elikuMthethosisekelo lokuba azimele.
Icala lihlehliselwe uNovemba 26 lapho uNdamase ezobuyela enkantolo efanayo noSiphosoxolo Myekethe (45), Zenande Paya (38), Mawethu Nomdlwembu (36), Aphiwe “AP” Ndende (25), Lwando Anthony Abi (33) noBonga Hintsha (32).
Bonke abasolwa bayibonga ibheyili.