INDODAKAZI yowayengumnikazi wesitebela somculo iNative Rhythms, esakhiqiza izihlabani zeHip hop, ithi idlule ebunzimeni njengoba isithole indawo ephambili kwiSiphetho: Destiny kwa e.tv.
USphiwe Zinhle Sithole (24) oyindodakazi kaDkt Sipho Sithole uthe kungokokuqala ethola umdlalo wethelevishini alingisa kuwona.
KwiSiphetho udlala indawo kaSihle Zondo. Le ntokazi ngeyaseNcemane, eHluhluwe.
Uthe yize eqhamuka emndenini wabantu abasemkhakheni wezokungcebeleka kodwa wathatha isinqumo sokuthi azitabalasele ukuze kungabi sengathi uyenzelelwa.
“Ngisho ubaba (Dkt Sipho Sithole) ubehlala esho ukuthi akafuni kugqame ukuthi ngizalwa uyena ngoba uma sekulunga izinto empilweni yami, kuzoba sengathi yingoba ngiyindodakazi yakhe.
“Okunye abebuye angitshele kona ukuthi uyayazi indima yezokungcebeleka futhi ubengafisi ukuthi kube nengane yakhe ezongena kulo mkhakha.
“Ngenxa yokuthi ezobuciko yinto engikhule ngiyithanda ngiphokophele ngaya phambili. Ngingumculi futhi sengike ngasebenzisana namaciko ahlukene okukhona kuwona uMondli Ngcobo, DJ Bongz nabanye,” kusho uSphiwe.
Uthe ekulingiseni wake wazama ukuya kwinhlolokhono esanda kuphothula uMatric eNilgiri High School ngo-2018 kwangalunga.
“Ngaleso sikhathi ngangisemusha kulo mkhakha wokulingisa. Indlela okwenzeka ngayo yangiqeda uthando lokuthi ngibuye ngizame kwinhlolokhono yokulingisa.
“Bese ngigxile ekushutheni iziqephu ezimfishane zeYoutube obekuyizona ebengizama ngazo impilo, ngiphinde ngizame nasemculweni.
“Ngenxa yokuthi bengilokhu ngiphokophele phambili kulo mkhakha, ubaba uze wathi useyanginika isibusiso sokuthi ngingene kwezikaqedisizungu,” usho kanje.
Uthe kulapho-ke ethathe khona isinqumo sokuthi ayozama kwinhlolokhono yeBlack Brain Pictures ngesikhathi ithungatha abalingisi beSiphetho:Destiny.
Nakhona uthe uye engenathemba lokuthi uzothathwa uma ecabanga okwake kwenzeka kuyena ezama inhlanhla kwinhlolokhono kanti lizoqapheleka ikhono lakhe, wathathwa.
USphiwe uzalwa nguLebogang Mahlase ongashadelanga kwaSithole. Ungowakubo kaLwah Ndlunkulu ongumculi ovelele waseNkabi Records.
Uqhamuka emndenini wabantu abavelele njengoba ebale noyise ohlonishwayo kuhulumeni uMzwakhe Sithole.
Ngokwendawo ayilingisayo kwiSiphetho, uthe kukhona esondelene ngakho nempilo yakhe yangempela, njengokuba nomndeni ogqugquzela inhlonipho.