NJENGOBA kuphela iminyaka ewu-68 abesifazane bamashela e-Union Buildings, ePitoli ngo-Agasti 9, 1956, kuzokhunjulwa iqhaza labo ngomdlalo weshashalazi othi, The Voices of 1956 (Musical Play).
Abantu besifazane ababalelwa ku-20 000 babelwela ukuphathwa kwamapasi ngabantu abamnyama ngesikhathi bethelwa ngoyaba ngamaphoyisa obandlululo.
Umdlalo odidiyelwe ngokuhlanganyela yiSinamuva Performing Arts Development (IPAD), neNtuba Arts Development (IAD), uzokhonjiswa ngoLwesine nangoLwesihlanu ngo-2.30 ntambama, eDurban Music School, eThekwini.
Ongumxhumanisi womdlalo nabezindaba uSandile Nala, uthe bathathe isinqumo sokufundisa ngomlando ukuze abantu bahlale bekhumbula ukuthi baphumaphi.
"Sifuna ukunikeza izithameli umlando namagugu enza iKZN ibe yilokhu eyikho njengamanje. Umgubho osemqoka osebenzisa ubuciko nolwazi lwendalo ukulwa nezihlava, sihlomisa ngolwazi izithameli."
Uthe umdlalo uqala ngentokazi emnyama yaseMelika, uLydia Mackenzie, ongumfundi owenza unyaka wesine enyuvesi, lapho enza ucwaningo ngomlando waseNingizimu Afrika, wathatha isinqumo sokuza e-Afrika.
"Uthola ithuba lokuxhumana ngqo nabantu baseNingizimu Afrika, ngesikhathi enza ucwaningo ngokuvakashela izindawo zakuleli ezingamagugu eKZN. Ulandela zonke izehlakalo ezisemqoka ezaphazamisa izimpilo zabantu bakuleli ngesikhathi zobandlululo."
Waqala ukukhonjiswa eJoburg Theatre, naseMarket Theatre eGoli ngo-2018, wahlabana ngomklomelo weBest Production kumaNational Operatic and Dramatic Association (NODA).
Esephetha uthe amathikithi okuthamela umdlalo angubhusende.