UMDLALO weshashalazi iNandi The Musical ube neshwa ngokuhoxa komlingisi wodumo kwiGomora neCala, uVelile Makhoba.
Le ntokazi ebilingisa indawo kaPhampatha kwiNandi The Musical ishaye ungqimphothwe sekubalwa izinsuku kukhonjiswe lo mdlalo ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini ngoLwesihlanu.
Okhulumela abadidiyeli bomdlalo, uThobile Ximba, ukuqinisekile ukuthi uVelile (23) akaseyona ingxenye yabalingisi balo mdlalo.
Ebuzwa ukuthi kube yini imbangela, uThobile uthe uVelile usuke waxinwa ngeminye imisebenzi abambe iqhaza kuyo. Uthe okwamanje isikhala esivuleke ngokuhoxa kukaVelile sizovalwa u-Andile Vilakazi, odlala indawo kaNomcoba.
"U-Andile uzozilingisa zombili lezi zindawo," kuphetha uThobile.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaVelile, obenguGugulethu kwiGomora futhi enguNomvelo kwiCala, ayiphumelelanga.
U-Andile (27) waseMbali, eMgungundlvu, ujabule kakhulu ngale ngqayizivele yethuba alitholile lokubamba iqhaza kulo mdlalo. “Kuyisibusiso kimi ukudlala lezi zindawo nokubamba iqhaza ekuphiliseni umdlalo wethu esiteji. Ngiyabonga kakhulu kubaba u-Edmund Mhlongo ngokungethemba nokungisekela kulolu hambo. Ngithobeke kakhulu ngokulingisa lezi zindawo ezisenhliziyweni yami kakhulu,” kusho u-Andile oqeqeshelwe ukulingisa eKhaya Multi-Arts Centre, KwaMashu kodwa osengaphansi kohlelo lwe-Alive Kids Program.
Uthe ukulingisa kulo mdlalo kukhuliswe amava akhe kulo mkhakha. U-Andile ulingisa kwiNandi The Musical kanye noNtokozo Ngcobo, Zawadi YaMungu noMampho Moshoeshoe.
INandi The Musical ngumdlalo okhuluma ngonina weNkosi uShaka kaSenzangakhona, iNdlovukazi uNandi Mhlongo futhi udidiyelwe ngu-Edmund Mhlongo ongumsunguli weKwaMashu Community Advancement Projects (K-Cap).
UMhlongo uthe ngalo mdlalo bahlose ukugubha iNyanga yaBantu besifazane eMhlabeni wonke ngokuqhakambisa amagalelo eNdlovukazi, uNandi embusweni wakwaZulu.
UNtokozo, olingisa indawo yeNdlovukazi uNandi Mhlongo, uthe izithameli azilindele ukubona indlela uNandi akhulisa ngayo iNkosi uShaka nokuthi kwenzeka kanjani agcine eseyindlovukazi.
"Bangalindela ukubona ukungqubuzana nokuphakama kwemimoya futhi bafunde nokuthi thina bantu besifazane kade saqala ukuba yiziphikeleli.Kunamahlaya azokwenza izithameli zihlale ngesinqe esisodwa futhi zizizwe zivuselelekile. Abangakaze bawubone lomdlalo, abalindele lukhulu," kuphetha uNtokozo
Amathikithi atholakala ePick n Pay, Webtickets nasePlayhouse Box Office ngoR70 nangoR200.